UBusiswa Nquke (39) owenza umculo weGospel uqale ukucula enza iPraise and Worship enkonzweni, ungowokuzalwa edolobheni lakuTsolo kodwa manje usetholakala eKokstad. Uthi ungene endimeni yomculo esemncane eneminyaka engu-12, lapho wabe eculela iqembu elaliholwa umama wakhe uBukelwa Ngquke ongasekho.
UBusiswa uthi useke wacula ngaphansi kwamagroup amabili waqhubeka njalo nomculo weGospel ngokuholwa umoya kaNkulunkulu esafunda esikoleni samabanga aphansi waze wafinyelela nasemabangeni emfundo ephezulu. Kanti uthi ubone kahle ukuthi unethalente ngesikhathi ecula kwi Worship Group emakhaya eyabe ibizwa ngokuthi Eyethi iholwa uThobeka Jiya.
Eqhuba uBusiswa uthi ngonyaka ka 2020 ube esekhipha icwecwe lakhe ngokuvumelana noNkulunkulu, ngoba ekholekwa ukuthi uyena owabe elokhu emvusa ukuba abhale izingoma zakhe kulona icwecwe ukhiphe izingoma ezine, isihloko seAlbum sithi “Wathethu’Yesu Yesu”. Kanti uthi uyicashuunwe evesini lebhayibheli.
UBusiswa uthi into ayifisa kakhulu ukuthi athole usizo lokuxhaswa ukuze akwazi ukukhulisa umculo wakhe, uthi angajabulo ukuthola uxhaso lwemali ukuze akwazi nokuhambisa ivangeli esebenzisa umculo afinyelele nasezindaweni angakwazi ukufika kuzona.
“Umculo wam uyatholakala kuma CD ,Digital platforms afana ne Amazone Yutube khona ungifumana ndingu Busiswa Ngquke ndikwakhona naku Social Media koFacebook ndingu Busiswa Songelwa whatsap..For Calls 0844866636 for Whatsap 0710062341….Enkosi kakhulu kwabe Phepha ndaba iKZN Namuhla ..May the Lord Bless you”. Kuphetha uBusiswa.

