UNomndayi wethule ngokusemthethweni uPhaphe EP Volume okwesibili eBat Centre ngomhlaka 05 August kulonyaka. Umcimbi ube yimpumelelo kakhulu kanti futhi nabantu abakade bekhona bemphelezela benze umsebenzi omuhle kakhulu.
UNomndayi ubonge kakhulu ukwesekwa akutholile Kusuka ku MC wethu uZamani Mzobe no Nontobeko Magalela, bawubambe kahle umcimbi. baphinde bavakashelwa uSiyabonga Mpungose okuyena ongenise uNomndayi eStage ngendlela esezingeni.
Abantu abakade bekhona kwi line up yosuku bekukhona uNhlanhla Mhlongo, Luyanda Em, Scelokuhle, Black Afrika, En Es Tee, TS Gwazela, Zamo Zig, Madlokoza, Klabishi. Mveh etc. Umcimbi waqala ngo 12 to 18:00.
Lomcimbi ushiye abantu bengawuvali umlomo ngendlela abathokoze ngayo ngomcimbi.

