SHEILA MHLONGO
Kukhuthazwa abantu abakhubazekile ukuthi bafake izikhalazo zabo mayelana nezicelo zabo zesibonelelo sokukhubazeka ezingaphumelelanga. Lokhu kudalulwe isitatimende seSANews, lapho sithe umuntu okhubazekile unelungelo lokufaka isikhalazo sakhe ezinsukwini ezingu-90 emva kokuthola impendulo echitha isicelo sakhe, futhi okhubazekile unelungelo lokufuna incazelo kubasebenzi bakwaSASSA .
Zonke izicelo ezisuke ziphumelele, abakhubazekile bathola imali eyisibonelelo engu R2,090 ngenyanga. Abafake izicelo kumele bakuqonde futhi ukuthi uSASSA usebenzisana nodokotela abanesivumelwano naye abenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ofake isicelo sesibonelelo uyaphumelela.
Udokotela ogunyaziwe nonesivumelwano sokusebenza noSASSA kuphela ovunyelwe ukuhlola isimo somuntu ofake isicelo bese edlulisa umbiko wakhe kwaSASSA okuyiyo ethatha isinqumo sokuthi umuntu uthola umhlomulo wesikhashana noma wempilo yakhe yonke. Umbiko wokuhlolwa umayelana nesimo esibonwe udokotela.
Ofake isicelo kumele abe nalokhu okulandelayo:
- Abe isakhamuzi saseNingizimu Afrika ngokugcwele noma abe iRefugee ekuleli ngokugcwele.
- Abe neminyaka ephakathi kuka 18- 59
- Athole ukuhlolwa udokotela ngesimo sakhe aphinde aveze isiqiniseko esinemininingwane ngokukhubazeka kwakhe.
- Aveze ifomu ayinikezwe isikhungo noma udokotela omelaphayo uma kungukuthi useke kwachithwa isicelo sakhe.
- Angabi umuntu othola esinye isibonelelo.
- Aveze ipasi elisemthethweni elinezinombolo ezingu-13, uma lingekho ipasi kungaba isitifiketi sokuzalwa noma ibuphi obunye ubufakazi ngemininingwane yomuntu egunyazwe uSASSA.
Ukwazi kabanzi ngeminye imininingwane abafisa ukufaka izicelo bangaxhumana nalenombolo yamahhala kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu:0800 60 10 11/013 754 9428/9363 noma ku WhatsApp: 082 046 8553. SANews.gov.za

