Ingozi yemoto eyamshiya ekhubazekile yamfundisa ukwamukela ushintsho empilweni

SHEILA MHLONGO

Ingozi yemoto eyamshiya ekhubazekile yamfundisa ukwamukela isimo njengoba sinjalo empilweni, lowo uMnu. uMusa E. Zulu onethalente eliyisimanga lokwenza izinto eziningi ezishiya abantu bemangele. UZulu ungusomabhizinisi, nomsunguli wenkampani yakhe i Valhalla Arts, aphinde abe umdwebi, umbhali wezincwadi, kanye nomethuli wezinkulumo ezakhayo (Motivational Speaker).

Impilo kaMusa Zulu yokukhubazeka iqale eseyinsizwa encane eneminyaka engu 23 yobudala ngonyaka ka 1995 emva kokuhlangabezana nengozi yemoto, nokulapho waqala khona impilo entsha yokuletha ithemba kubantu abaningi ngenxa yomsebenzi wakhe wokuba umethuli wezinkulumo ezakhayo kanye nezivusa ithemba, lokhu ekwenza ngokubhala izincwadi aphinde  ahambele imibungazo kanye nemicimbi asuke emenywe kuyona.

UMusa Zulu, uyisifundiswa esizuze iziqu  ze-Honors degree in Sociology, azithole e-UKZN. Ngonyaka ka 1993 uke wafundisa khona eUKZN. Kuthe ngonyaka ka-1998 -2002, waba Inhloko (Director) yokuqala ngqa ephethe uPhiko ‘ASIPHEPHE’ ngaphansi koMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali, kanti wasebenza namaphephandaba omphakathi afana ne KZN Community Newspaper kanye neCheers Magazine ukuqhakambisa nokubika ngomkhankaso wokuphepha emgwaqeni. Lomkhankaso we ‘ASIPHEPHE’  waba impumelelo kangangokuba waze waqhubekela kuzwelonke  usuwaziwa nge ‘ARRIVE ALIVE’.

Ekhuluma nephephanda iKZN Namuhla uMusa uthe into emjabulisa kakhulu ukusebenza nabantu ngoba ilapho ethola khona kakhulu ugqozi kanti kuyamjabulisa ukubona abantu besizakala ngeqhaza alibambile ezimpilweni zabo lokunikeza izeluleko kulabo asebephelelwe ithemba kanye nakubo abakhubazelile njengaye.

UMusa Zulu usanda kuzuza indondo yamashumi amabili nesishagalombili (28) ehambisana neminyaka angu 28 aqala ukuba umbhali wezincwadi ezakhayo ye’Best Literature Contributor’ eyaziwa nge the Book Behind Awards, izincwadi azibhalile  kubalwa ethi, The Language of Me” (UKZN Press; 2004), “Wheels on the Soul of my Shoes” (NUTREND Publishers; 2008), “TRIBUTES: The Story” (Valhalla Arts; 2012), “MASTERING THE ART OF SELF-MOTIVATION: Tapping the Inner You!” (Valhalla Arts; 2017), and “I AM ART.

Ephetha uMusa, uthe njengoba kuyinyanga yokubungaza umkhankaso wokuqhakambisa ukuhlonishwa kwamalungelo abantu abakhubazekile ebungazwa minyaka yonke kusukela ngomhlaka 3 Novemba – 3 Disemba. Ngomhlaka 18 Novemba 2023 kuzosingathwa  iDialogue eyisipesheli lapho umphakathi okhubazekile uyobe uxoxisana khona kanti kumenywe izikhulumi ezifana  nesihlabani kwezomculo uBabsy Mlangeni kanye nabanye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *