UNgqongqoshe wezemiSebenzi uphika izinsolo zokukwabanisa  emalini engu R5billion

UNgqongqoshe wezeMisebenzi uMnu. Thulas Nxesi uphika izinsolo zokukhwabanisa emalini engu R5 billion yesikhwama somshwalense wababasebenzi  (Unemployment Insurance Fund). Lezinsolo zimayelana nesivumelwano esenziwa neThuja Holding.

Kulelisonto eledlule uMnu Thulas Nxesi ube nesithangami nabezindaba lapho kade echaza khona mayelana nalezinsolo kanye nezinyathelo zomthetho azozithatha ukuvikela igama lakhe.

Lezizinsolo zenziwe uMnu Mthunzi Mdwaba oyi CEO ye Thuja Holding kanye nalowo owabe enguSihlalo we Productivity mayelana nesivumelwano sika R5billion esaphothulwa ngoDisemba 2022 phakathi kwayo iThuja kanye ne UIF.

Kulezizinsolo uMnu Thulas Nxesi uphika ukuthi waba neqhaza lokuthi afune ukugwazelwa ngesamba sika R500 billion ekanye nabanye oNgqongqoshe, wathi lesisivumelwani sasayindwa ngaphandle kokwaziswa kwalowo ophethe uMnyango wezeziMali kuzwelonke.

Eqhuba uNxesi uchaze wathi usayinde incwadi efungelwe emayelana nokubeka eceleni lezivumelwano ukuthi kungaqhutshekwa naso, ube esefaka amaphepha okuphikisa lezinsoko wathi ufuna uMdwaba akhiphe ubufakazi obuqinisekisa lezizinsolo zokuthi ufune ukugwazelwa ngemali kulemali yesivumelwano.

“Uma uMdwaba engeke alethe ubufakazi balezinsolo, sengifake amaphepha okuthi inkantolo imvimbe ukuthi angaqhubeki nokufafaza lomkhakaso wakhe wokungiqambela amanga”. Kuchaza uNxesi.

Ngamafuphi uNxesi uthe usethathe isinqumo sokuthi kubekwe eceleni isivumelwano phakathi kwe UIF kanye noMdwaba ngoba kwephulwa umthetho we section 54(2) of the PFMA [Public Finance Management Act.

SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *