Kuyacaca ukuthi uMsholozi usalokhu eyiyo impela ‘iTsunami engenamkhawulo’

Ngendlela okwenzeka ngayo kuyacaca ukuthi lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma usalokhu eqhubeke njalo nokuba ‘iTsunami engenamkhawulo’, njengoba kwasho abalandeli bakhe ngesikhathi eqala ukuhamba icala lokukhwabanisa elabe lihlangene nobudlelwane bakhe nalowo owabe engumeluleki wakhe uMnu Shabir Shaik.

Ngonyaka ka 2005, ngesikhathi uMsholozi esanguSekela Mengameli wezwe, iphephandaba iKZN Namuhla lake labhala ngoMsholozi ngenxa yogazi lwakhe lokuthandwa izinkumbi zabantu ngisho noma elokhu elandelwe njalo amacala, kodwa babonakale bengapheli amandla, ngenxa yokuthi bekholelwa ukuthi kwawona lawo macala adalwa ukuthi kukhona abamakhela uzungu lokumketula.

Ziningi iziqubu uMsolozi asedlule kuzo ikakhulukazi ezamacala akhe angapheli kodwa elokhu eqhubeke njalo kuze kube manje, kanti nabalandeli bakhe balokhu beqhubeke njalo nokukholelwa uyena, njengoba kwake kwabheduka udlame lokuluthwa kwamabhizinisi ngenxa yokuthi eboshiwe ngenxa yecala lokwenqaba ukuvela phambi kwekhomishana ka Jaji uZondo.

LeTsunami enguMsholozi manje isimane yavumbuka neqembu elisha UMkhonto Wesizwe Party enxenxa ngalo abantu ukuthi balivotele, waze washo nokuthi angeke ayivotele i-ANC nakuba eseyilunga layo.

Nalapha futhi kuloludaba lweqembu elisha loMkhonto Wesizwe kubonakala liheha izinkumbi zabantu eseziphenduke amalunga alo, ngokwezibalo okuvela ukuthi balapha ku 3million nangaphezulu, kanti bazishaya isifuba ngoMsholozi ngoba bezwakalisa ukuthi uma iqembu loMkhonto lingawina liyokwazi ukukhipha lelizwe ezinkingeni elibhekene nazo lapha sibala ukubuyiselwa komhlaba kubantu, ukuqedwa kwenkinga kaEskom yokucisha ugesi sakonga, inkinga yokwesweleka kwemisebenzi kanye nokunye.

Nakuba kungaqondakali ukuthi konke lokhu iqembu loMkhonto Wesizwe liyokwenza kanjani njengoba okokuqala kungaqondakali ukuthi ingabe ubani uMengameli walo, nokuthi alikakayethuli iManifesto yalo. Kodwa nokho konke lokhu amalunga ayo  akushaya indiva, inqobo nje uma ebona uMsholozi ehamba phambili okwamanje esingazi ukuthi iyozala nkomoni uma sekukhethwe uMengameli okungesiye uMsholozi.

Nokho ke abantu abayi ngenxanye bengemanzi njengoba kukhona abanye abantu bakuleli abezwakalisa ukungamthandi sanhlobo uMsholozi njengoba bethi, uke waba uMengameli wezwe amahlandla amabili, kodwa izinto zaqala ukubheda ngalesosikhathi nokuthi bathi yini lena entsha ayokwazi ukuyenza manje njengoba esemdala kangaka eyamhlula esaphethe elakuleli. 

Sengiphetha khona kubonakala sengathi amanye amaqembu afana ne DA, IFP, EFF kanye nayo iANC,  azodlela ogageni, njengoba futhi iningi labalandeli noma amalunga eMK asuka kulo impela iqembu lika ANC.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *