Ucela usizo oluphuthumayo owesifazane ohlaselwe ama Pitbulls

LONDIWE MTHETHWA

Ucela uxhaso lwezimali owesifazane wase Mzinto ohlaselwe amapitbulls.

USthandile Mkhize(21)uthi wayekade eyozishayisa ngomoya edolobheni emva kokuba ethole imiphumela yokuthi uphasele ukudlulela ka grade 11 khathi ethola ishwa lokudliwa ama pitbull amabili eMzinto ngase Nkonka.

“Ngomhlaka 4 januwari ngadliwa amapitbull amabili ayesasazelwa abanikazi bawo ukuzongiluma.Angiluma ngaze ngaba ne stroke.Ngendlela engiyiyo ngidinga ne plastic surgery kodwa imali ayikho.Ngicela  ongakwazi ukungisiza ngemali angisize.”Kusho uMkhize

Emuva kokuthi kwenzekile konke lokuuthi wazama ukuvula icala kodwa, athi amaphoyisa ngeke akwazi ukuvula icala engekho yena esasesbhedlela.

Embhalweni awubhalile epheyijini lakhe ku Facebook uthe umndeni wezinja uyizicebi kanti futhi omunye wabo usebenza emaphoyiseni.

“Kumanje sikhuluma nje anginawo amadlebe okusho ukuthi mekungathatha iminyaka emine ukuthi ngiphume la necala lingavulwa emva kweminyaka emine.okungiphatha kabi umnikazi wama pitbulls uyaluphika loludaba.”Kuchaza uSithandile

Lesisigameko senzeke emzinto eduze nase nkonka,kanti umgilwa wayiswa esbhedlela esiseduze nokuyilapho adluliselwa khona kwesinye isibhedlela esikhulu ngenxa yokubona isimo sakhe.

USimthandile Akathandanga kudalulwe isibhedlela akuso njengamanje.Uthi unokwesaba abanikazi bezinja bengase bemqedele.

Kunxuswa noma ngabe ubani onganosizo athumele okusemandleni akhe.

(Miss S Mkhize-Account number -2185042986)

Capitec linked number-0612630017

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *