UMasipala waseMlalazi uzigwazele ibhece ngemiphumela ka-Matric ezikoleni ezingaphansi koMkhandlu iKing Cetshwayo

ZETHU PHOSWA

USUPHENDUKE isilomo uMasipala waseMlalazi, kulandela ukuphuma no-100% kwizikole eziyi-9. IMeya yaseMlalazi Cllr Queen Xulu, uthi nakuba kube nezingqinamba ngokuphakelwa kwezingane zesikole, baze kwaphoqeleka ukuthi bashwashwe, kwaba yibo abaphakela izingane.

“Njengezisebenzi zomphakathi, sabona ukuthi uma kunokudidiza ekulethweni kokudla ezikoleni, kasibhukule njengoba, size saphakela izikole ezintathu kulezi eziyi-9,” esho kanje.

Uthi kuMkhandlu waseKing, izikole eziphumelele ngo-100% ziyingama-22, kwathi eziyi-9 zazo zingaphansi komasipala waseMlalazi.

Ubonge kakhulu abafundi bakulezi zikole ngokwenza kahle, nakuba bebebhekene nezinselelo zokucishakonga kukagesi, nangezingqinamba zokuphakekelwa kwabo.

UMasipala waseMlalazi usazibophezele ukukhipha imifundaze, kanti kusacutshungulwa izicelo ezifakiwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *