Ihlandla lokuqala likaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa belikhungethwe izinkinga eziningi okungenzeka ukuthi zigqibe okuhle okwenzekile, nakho esingeke sisho ukuthi bekwenele.
UMengameli uRamaphosa uthathe izintambo zokuhola izwe ngokusemthethweni, ngonyaka ka 2019 emva kokhetho lukazwelonke ebe waqala ukubamba njengoMengameli wezwe ngo Febhuwari 2018, ngemuva kokusula esikhundleni kwalowo owabe enguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ngenxa yengcindezi eyadalwa ukuthi ngomhlaka 18 Disemba 2017 uRamaphosa waqokelwa esikhundleni sokuba uMengameli weANC ngesikhathi kuhleli inkomfa yamashumi amahlanu nane (ANC’s 54th National Conference) ye African National Congress.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uZuma esula esikhundleni njengoMengameli isimo sasingesihle neze kwaba noqhekeko ngaphakathi kulona iqembu leANC, kanti namaqembu ezepolitiki abe engeneme ngeze ngenxa yezinsolo ngeqhaza lakhe odabeni lokubhozonyelwa kombuso ngabomndeni wakwaGupta kanye nezinsolo zenkohlakalo okwaphetha ngokuthi kusungulwe iKhomishini ka Jaji uZondo.
Ngakho ukuqokwa kukaMengameli uRamaphosa kwaletha ithemba ngaphakathi kuyona uqobo iANC ukuthi ubuholi bakhe babuzoletha uzinzo eqenjeni kanye nasezweni lonke njengoba wangena ngesiqubulo sika “Thuma Mina”.
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaRamaphosa yaqala inkathazo ekuqaleni konyaka ka- 2020 ngesikhathi ememezela ukuthi izwe selihlaselwe ubhubhane lwe Covid-19 kwavalwa izwe namabhizinisi kwama nse izinto eziningi kwangabikho mnyakazo ezweni okwaphetha ngokwehla kakhulu kwesimo somnotho.
Kwakhuphuka amanani okudla ezitolo, inkinga kaEskom yokucishwa kukagesi sakonga yaqala yabhebhetheka ngendlela edale ukuthi kuphazamiseke amaphizinisi amaningi, kwalahleka namathuba emisebenzi.
Ngenyanga ka Julayi 2021 kwaba nezibhelu ezashiya kucekeleke phansi amabhizinisi amaningi, kwavalwa amabhizinisi, abantu balahlekelwa imisebenzi yabo.
2022/2023/ 2024, kwaba nezimvula ezinkulu ezashiya kucekeleke phansi ingqalasizinda,ezifana nemigwaqo, amabhuloho namabhilidi abalulekile, kwabhidlika imizi abantu balahlekelwa izimpilo zabo.
Kuzo zonke lezizimo engizibalulile ngenhla akusho ukuthi akukho okuhle okwenzekeile ngesikhathi sobuholi buka Ramaphosa. Lapha singabala imali engu R350 yesibonelelo sabangaqashiwe, umhlomulo kumabhizinisi athinteka ngenxa yeCovid-19, imali ewuxhaso kubafundi ezikoleni evela esikhwameni seNSFAS esivuleleke kubafundi abaningi kunakuqala. Kanye nokunye okuningi engingekubale ngenxa yokushoda kwesikhala ephepheni.
Sengiphetha bonke oMengameli abandulelwe uRamaphosa nakubo zabakhona izingqinamba ezakhungatha izwe, ngaphandle kukaMengameli wokuqala wakuleli uMnu Nelson Mandela ngoba yena waphatha isikhathi esincane ngenxa yesimo sempilo yakhe.

