SHEILA MHLONGO
Uyaqhubeka umbango wegama leqembu loMkhonto Wesizwe Party kanye nelogo,njengoba iqembu leAfrican National Congress (ANC) likhala ngokuthi igama liwumlando kanye nefa leqembu leANC. UMnu Jacob Zuma bekungamele asebenzise leligama ngoba lizodala ukuthi kube nokudideka kubantu ngesikhathi sekumele bavote ngenxa yokuhlobana kwegama, ilogo kanye nemibala efanayo neye ANC.
“Asinankinga thina nomtomdala uma efuna ukuziphumela eceleni azisungulele iqembu lakhe, kodwa inkinga isekutheni asebenzise igama loMkhonto Wesizwe, ngoba lokhu kuzodala ukudideka kubavoti.” Kusho uMnu Fikile Mbalula ongunoBhala Jikelele we ANC kuzwelonke, ngesikhathi kuhleli inkantolo ebidingida icala lombango enkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka 27 Mashi 2024.
UMnu Fikile Mbalula uzwakalise ukuthi yebo bayasamukela isinqumo senkantolo mayelana nokuchitha isicelo seANC sokuchitha ukubhaliswa kweMK Party ngokusemthethweni, osekusele, manje bafuna okungokwabo nokuyifa kanye nomlando wabo, kodwa futhi akunankinga uma kwenzeka inkantolo ibachitha nalokho bayokwamukela.
Ukuthethwa kwalelicala lombango wegama kulandelwa icala ebelihleli eBloemfonteni enkantolo yezokhetho ngoLwesibili ebelimayelana nesicelo seqembu leANC sokuthi inkantolo ichithe ukubhaliswa ngokusemthethweni kwegama loMkhonto Wesizwe Party ngoba isola abe IEC ngokuthi bekungafanele ilibhalise. Nokho kulokhu inkantolo ivune uMkhonto Wesizwe Party, yathi iqembu leANC lazigwaza ngowalo ngoba lathatha isikhathi eside ukuthi lifake isicelo sokuphikiswa ukubhaliswa kweqembu iMK Party ekubeni ebe IEC bekwenze konke okufanele ukuthi baphothule ukubhaliswa kweqembu.
Nakuba kuze kwashaya isikhathi sokushicilelwa kwephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla inkantolo ingasikhiphile isinqumo kodwa abaholi kanye nabalandeli beMK Party abebegcwele amagceke enkantolo enkulu yaseThekwini bezwakalise ukuthi banethemba lokuthi nakulokhu inkantolo isazoqhubeke ivune bona mayelana negama kanye ne logo, ngoba iqembu leANC limane lixhaphaza ukusebenza kwezinkantolo.