
ZETHU PHOSWA
Obengumholi kwi-NFP, uselaxaze leliqembu ngenxa yombango wezikhundla ngaphakathi, wajoyina iqembu elisha i-Allied Movement For Change(AM4C)
UNkk Sindy Maphumulo- Mashinini (65) olaxaze iNFP abeyingxenye yokusungulwa kwalo, ngenxa yombango osaqhubeka ngaphakathi, wajoyina ele- AM4C, okuyilapho efike waqokelwa ukuthi abe uNdunankulu, waleli qembu uma lidla umhlanganiso, okhethweni oluzokuba mhla ziyi 29 kuNhlaba.
“Sesikulungele ukuphatha iKwaZulu-Natal siyinhlangano eza noshintsho uma sidla umhlanganiso. Miningi imithetho ebekwe nguhulumeni engababekanga abantu phambili. Okokuqala nje sifisa ukuthithukisa umnotho ngokufundisa abantu ngokusebenzisa inhlabathi. Sifuna ukuguqula ezemfundo, izingane zikulungele ukuthi uma ziphothula umatikuletsheni zikwazi ukungena emanyuvesi, hhayi lokhu ukuthi ziphasiswe ngo-30%,” esho kanje.
Uthi inhlangano yabo izobeka intsha nabesifazane phambili, njengoba benezinhlelo zokubaqeqeshela ukuthi bakwazi ukuzenzela, awabo amabhizini.
“Kumanje simatasatasa nokuphothula umhlahlandlela weqembu. Esikwenzile ngokwakha umhlahlandlela, ukuthi siye kubantu sizwe izimvo zabo. Abantu bakhathele ukuthathelwa izinqumo sengathi yizichuse, ngezinto ezithinta bona,” kuchaza Nkk Maphumulo Mashinini.
I-AM4C ineminyaka emithathu yasungulwa, isungulwa nguMnu. Roy Bhoola. Leliqembu lingenele ukhetho ezifundazweni iKwaZulu-Natali, Western Cape, kanye ne Gauteng.
UNkk Maphumulo- Mashinini useneminyaka ekwezepolitiki, njengoba aqala kwi-Inkatha Freedom Party (IFP), wafuduka noNkk Zanele Magwaza Msibi ongasekho, ngesikhathi besungula I-NFP. Kanti Kwi-NFP ubenguMengameli wophiko lwabesifazane

