Asexwaye ukuthukana ezinkundleni zokuxhumana  ngoba ikusasa alaziwa

Bantu bakithi sanbonani, nginodaba olufishane lana mayelana nokuhloniphana, ukuhlangana ezinkundleni zokuxhumana akusho ukuthi angeke abantu bahlangane ubuso nobuso. Isisho sesintu sithi unyawo alunampumulo. Asiboqaphela ukuthukana ezinkundleni zokuxhumana ngoba sekungenzeka sihlangane ufune usizo kumuntu kubenzima ukucela ngoba wamthuka ezinkundleni zokuxhumana .

Akuyona inkinga ukungaboni ngaso linye ezintweni kodwa akusho ukuthi sekumele sithukane sibizane ngamagama abuhlungu nezinhlamba. Mhloniphe umuntu ngoba awuyazi impilo isingakuhlanganisa naye kusasa usenkingeni . 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *