Seluya ngokushoshela usuku lokuvotela iqembu elizodla umhlanganiso okhethweni luka 2024

Njengoba selusondele usuku lokuvotela iqembu okuyilo elizodla umhlanganiso okhethweni lomhlaka 29 Meyi, lokhu kusho ukuphela kwamaphupho kubantu abaningi noma kwizakhamizi zakuleli. Lolukhetho luzothanda ukwehluka kakhulu kuneminye iminyaka njengoba kuzobe kuphela iminyaka engamashumi amathathu (30) yonke elakuleli libuswa ngaphansi kombuso wentando yeningi futhi ngaphansi kweqembu elibusayo le African National Congress (ANC).

Kuleminyaka engamashumi amathathu (30) elakuleli libuswa uhulumeni weANC kuningi kakhulu esingakusho okuhle okwenzekile uma kuqhathaniswa nezikhathi zombuso wobandlululo, kodwa futhi kuningi nokubi okwenzekile okushiye iningi labantu lingeneme lapha esingabala indaba yenkohlakalo edla lubi kuhulumeni, ukubhozonyelwa kombuso ongxiwa, inkinga kagesi kanye namanzi edla lubi neshiya izakhamizi zakuleli zikhathazekile kakhulu. Ingaphathwa ke indaba yokwesweleka kwamathuba emsebenzi kanye nesimo somnotho esimanzonzo.

Kulezinyanga ezedlule sibonile amaqembu amakhulu amadala kanye namaqembu amasha ebekade ebhidlangile ekhankasa ezama ngayo yonke indlela ukunxenxa amavoti ukuthi akhohlwe nge ANC kodwa kunalokho anikeze wona ithuba lokuthi azikhombise ukuthi wona angenza kangcono kuneqembu elibusayo.

Lolukhetho alubhekiwe nje kuphela izakhamizi  zakuleli zodwa kodwa ngisho nosomabhizinisi  abakhulu nabancane nabo balubheke ngamehlo abovu ngoba bayafuna ukubona iqembu lepolitiki abangase balethembe ukuthi likwazi ukwengamela izwe ngendlela ezoletha uzinzo.

Ukusebenzisana okuhle phakathi kweqembu elizodla umhlanganiso kanye nosomabhizinisi nakho kukodwa kungadala ukuthi kukhuphule isimo somnotho kwenyuke namathuba okuqashwa kubantu bakuleli.

Sengiphetha asethembe ukuthi umphakathi wakuleli uzophuma ngobuningi uyovotela uhulumeni ozokwazi ukubusa ngendlela enobulungiswa kanye nokwethembeka ngaphandle kwezinkinga esizibone ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lapho abanye omasipala bakuleli bebuswa ngendlela engenalo kahle uzinzo ngenxa yokuthi kungabanga khona iqembu elithole amavoti anele ukuthi lingabusa ngalodwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *