Isililo emndenini wakaGcabashe befihla amalunga omndeni amathathu namuhla.

ZUKISWA MTHANTI

Isililo emndenini wakwa Gcabashe emva kokufihla amalunga omndeni amathathu endaweni yase Ndwedwe kwaNgoza namuhla.

Okubika ukuthi mhla zingu 21 kuMbasa 2024,uMnuz Bhekisisa Gcabashe,uMnuz Msawenkosi Gcabashe Kanye no Mnuz Veli Gcabashe okade eyinduna yensizwa zakwaNgoza,okwathi behleli ezintatha bebungaza ukuthi kuzoba nomshado ngakusasa.Kwangena amadoda amabili abafaka inhlavu ngaphandle kokukhuluma okuthize.Umshado waqhubeka njengoba kwaziwa ukuthi ngokwesintu kuthiwa umshado awuhlehli.

Akade besohlwini lwabakhulumayo emngcwabeni bawachaze njengamadoda  akade enosizo nothando emphakathini lamadoda akaGcabashe.Abuye abenezeluleko eziphusile ikakhulukazi kwizinsizwa ezisakhula zakwaNgoza.

UMnuz Hebe Gcabashe uthe,”Kubuhlungu okwenzekile,kunzima ngisho ukucabanga ukuthi baboneni abafowethu ukuze bahambe ngesandla esibi kanjena.Kodwa ngyathemba ukuthi lesehlo esenzekile angeke siphinde senzeke.Engingakusho ukuthi balale ngokuthula abafowethu basikhanyisele lapho beya khona”.

Imeya yaseNdwedwe uSam Mfeka okade esohlwini lwezikhulumi,udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwa Gcabashe nabalahlekelwe.

Amaphoyisa asaqhubeka athungatha abenze lesisehlo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *