

SHEILA MHLONGO
Abantu abadala ogogo bezingane ezifunda enkulisa yase Seaview Child and Development Centre ese Ilfracomb eMgababa bathole ithuba eliyingqayizivele lokuteketiswa abazukulu ngesikhathi bemenywe ukuyobungaza usuku lwe Grand Mother’s day, kuyo lenkulisa ebihlelwe uThishanhloko uNkk Mpume Chamane.
Abafundi abangabazukulu bogogo bajabulise ogogo ngezingoma nangemlolozelo, baphinde bathola ukutotoswa bemasajwa imizimba bagcina ngesidlo sasemini esiconsisa amathe.
Obeyisikhulumi sosuku uSonhlalakahle uNksz. Sindiswa Gwala obevela eLife Line Durban ezinze esiteshini sase Mkhomazi, uqwashise ogogo ngezimpawu zokuhlukumeza ngokobulili, (Gender Based Violance), echaza uthe ukuhlukumeza akwenziwa nje abesilisa kuphela bekwenza ezinganeni nakwabesifazane kodwa uthe ngisho nabo abesifazane nezingane bayazenza izinto zokuhlukumeza kubantu bobunye ubulili, kanye nakubo abantu abadala uqobo.
Eqhuba uSonhlalakahle uthe zihlukile izindlela zokuhlukumeza phakathi kwazo ubale ukuhlukumeza ngokocansi, okomoya, okwengqondo kanye nangokomnotho.
Kanti akubalule kakhulu unxuse ogogo nabazali ukuthi kumele baqaphele indlela abenza ngayo baphinde bakhulume ngayo phambi kwezingane ngoba lokho kungadala ukuthi izingane zithole isifundo esingalungile kubona uqobo.

