
SHEILA MHLONGO
Selidume ledlula usuku lokukhetho luka 2024 emazweni angaphandle, lokhu kuza emva kokuthi izinkumbi zabantu bakuleli abahlala emazweni angaphandle okubalwa ezwenikazi lase Afrika kanye naphesheya kwezilwandle bethole ithuba lokuvotela amaqembu abawathandayo ngempelasonto kusukela ngoLwesihlanu lomhlaka 17- 18 Meyi 2024.
Ngokwesitatimende esikhishwe iSA News sithi, izakhamizi zakuleli zithole ithuba lokuvota ezingeni likazwelonke kanye nasezifundazweni, kulolukhetho luka 2024.
Isitatimende sithi abalelwa ku -9 amazwe abambe ukhetho ngoLwesihlanu lomhlaka 17, kwathi abalelwa ku-102 wona evote ngoMgqibelo womhlaka 18 Meyi.Kodwa ngenxa yesibalo esiphezuli sabavoti ababalelwa ku 24, 192, baseLondon ezweni lase Britain, ukhetho luqhutshwe izinsuku ezimbili kuyo impelasonto okube uMqibelo kanye neSonto.
Ngokusho kwe IEC ithi isibalo sabantu bakuleli abesemazweni angaphandle obekulindeleke ukuthi bavote babalelwa ku 56,698, nakuba balelwa ku 76,580.Lokhu okudalwe ukuthi kube nabavoti ababalelwa ku 20,886 abazise I-IEC ngokuthi bazovota ezindaweni abangabhalisiwe kuzo.SANews.gov.za

