UMhleli weSouth Africa Clash of the provinces unxusa abaxhasi bomcimbi

SHEILA MHLONGO

UNkk Christina Maloka (Mrs Africa international 2020) ukhiphe isitatimende lapho enxusa khona abangase baxhase umncintiswano wozime owaziwa nge South Africa Clash of the provinces.Echaza uChristina uthe bengajabula ukuthola usizo loxhaso ukuze lomncintiswano ube impumelelo.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla, uChristina uchaze wathi lomncintiswano wozime uwusungule ngonyaka ka 2023 ngenhloso yokuthuthukisa intsha ukuze ikwazi ukuzethemba nokuzithanda, kanti ungenelwa amantombazane asukela eminyakeni engu 14 kuya ku 29.

Bonke ozime abangenele lomncintiswane bazobe beqophisana ezifundazweni ezine (4) okubalwa KZN, FS, MP kanye ne Gauteng.Kuthi abadle umhlanganiso ezifudazweni bathole ithuba lokuqhudelana emncintiswaneni  weSouth Africa Clash of the oyobe ungenyanga ka Novemba 2024, lapho bonke ozime abaphumelele ezifundazweni bayoqhudelana khona.Umcimbi wokuphetha lomncintiswano uyobanjelwa esifundazweni saKwaZulu-Natali.

IKwaZulu-Natali ibe nomncintiswano wozime ngomhlaka 20 Ephreli 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *