Abe Tongaat Hullet nohlelo lwama Learnership azodala amathuba omsebenzi

Uhlelo lokulekelela amalungu omphakathi ngokudala imigudu yokuxhumanisa imiphakathi nabezimboni lwethulwe inhlangano ebizwa ngokuthi iThuba Africa. Lena inhlangano engenzi nzuzo esebenza ngokubambisana nenkampani yakwa-Tongaat Hulett.

Uhlelo lwe iThuba Project lwasungulwa eminyakeni elishumi eyedlule.  Lolu hlelo lwaqalwa lwabizwa ngokuthi uHlelo lweNtuthuko kwezoMnotho nokuSimamiswa kweMiphakathi kusetshenziswa izindlela ezintsha Zokusimamisa (Socio-economic Sustainability and Innovation Programme).

U-Tongaat Hulett usohlelweni lokuvuselela loluhlelo lwe iThuba ngokuvula isikhungo esizoba nabalawuli abazobhekana nokunxenxa labo ababambiqhaza kwezentuthuko emiphakathini ukuthi babe yingxenye yalolu hlelo. Abalawuli bazobhekana futhi nokuthuthukiswa kwamakhono; kanye nokuqikelela ukuthi kunokuphatha okuqhubekayo.

Izikhungo ezintathu okuhlongozwa ukuthi zizovulwa. Esokuqala sizovulwa e-Maidstone lapho kunesigayo sikamoba khona sokuqala. Inkampani isaphezu kwezingxoxo ezimayelana nokuvula isikhungo esinye eMatikulu kanye naseFelixton.  Inkampani okwamanje isabuyekeza ukwehluka kwendawo ngayinye.

Kanti noma u-Tongaat Hulett egqugquzele ukusungulwa kwalesi sikhungo se-iThuba e-Maidstone, lolu hlelo luwuhlelo oluhlanganisa izinhlaka eziningi. Luhlanganisa Amakhansela amele uMasipala; izinhlaka ezimele osomabhizinisi bendawo; kanye nabamele uBukhosi bendabuko. Izinhlaka eziyingxenye zalesi sikhungo e-Maidstone sezakhe imigomo yazo yokusebenza nokusebenzisana.  Ziphinde futhi zibe sembhidlangweni wokulungiselela ukuvulwa ngokusemthethweni kwalesi sikhungo.

Ekupheleni kosuku, ithimba lalabo ababambiqhaza libuka isikhungo iThuba njenge sikhungo esingaba yisikhungo esisodwa saso-Tongaat namaphethelo salabo abacinga amathuba emisebenzi nalabo abafuna akuqasha abantu bomphakathi.

Kucatshangwa futhi ukuthi lesi sikhungo sizohlela izinhlelo lapho abafuna ukuqeqeshwa nokuzithuthukisa bengeza khona.  Lesi sikhungo sizosebenza futhi njengenkundla lapho amathuba okwenza amabhizinisi ezokhangiswa khona futhi kuthuthukiswe osomabhizini abafisa ukubamba iqhaza kwezomnotho

iThuba Africa isiqalile ukusebenza njengoba uhlelo lwayo lufaka ukuhlonza labo abazongenela ukuqeqeshwa kwezinyanga ezingu-12 inkampani yakwa-Servest Security Company.  Lena inkampani eyaziwayo yokuphatha nokunakekela izakhiwo enobunikazi obunabantu abampisholo. 

Lolu hlelo lokuqeqeshwa luhlanganise abesimame nabesilisa abaqede umatikuletsheni futhi abalekelelwa ngenkece ukuthi babe yingxenye yalolu qeqesho.  Kuhlelo olwaluhlanganisa intsha engu 25 eyayi ncintisana, abayishumi kuphela abagcina beqokwa ukuthi babe yingxenye yohlelo lakwa-Servest

Abafundi abaqede ukuqeqeshwa yilaba: Mandisa Ntanzi, Thabani Mngadi, Mnqobi Masango, Thobani Shandu, Samkele Luvuno, Mncedisi Ngcobo, Noluthando Katyana, Mfundo Jijingobo, Lungelo Khuzwayo kanye noNondumiso Cele.

U-Nicola Nel, uMphathi wehhovisi eliphathelene neziNguquko kwa-Tongaat Hulett uthe inhlosongqangi yokusungula isikhungo seThuba ukuthi inkampani ibe yingxenye yemiphakathi ephumelelayo, eqinile futhi esimeme lapho abantu bemiphakathi benethuba lokufeza amakhono abo nokuphila izimpilo ezigculisayo

“Ukukhula komnotho okuhambisana nenqubekela phambili yomphakathi kungasiza ekudambiseni ubumpofu ngokwakha amathuba emisebenzi engeziwe, ukwandisa amazinga emali enganayo ngokwemindeni.  Inye inhlosongqangi ukuthi inkampani ibe yingxenye yemizamo eyenza kufinyeleleke kalula kwizinsiza kuphila kubantu abancishwe amathuba ngaphambilini.

“U-Tongaat Hulett ukholelwe kwisisho esithi nika umuntu inhlanzi bese umlekelela usuku olulodwa; mfundise ukudoba, umlekelele impilo yakhe yonke”.

“Ngokuzuza amakhono ngenkathi umuntu esebenza kanye nokuba neziqu ezaziwayo kumkhakha noma imuphi kwandisa amathuba alabo ebebekade beqeqeshwa okuthi bakwazi ukuqasheka”.

“Ngakho-ke, ithuba lokubamba iqhaza ohlelweni lokufunda izinyanga ezingu-12 nenkampani yakwa-Servest Security luqinisekise ukuthi abesilisa nabesifazane abangu-10 sebezoba sethubeni lokulekelela imindeni yabo’, kusho u-Nel.”

Ubuye wengeza ngokuthi ukuqeqesha abantu ngokwezidingo zezimakethe yemisebenzi; ukwenza amathuba okufunda nokuqeqeshwa asiza ukubhekana nembangela yokwentuleka kwemisebenzi futhi alekelela ekukhuleni komnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *