Usuqaliwe umsebenzi wokubhidlizwa kweChina mall eThekwini

Usuqaliwe umsebenzi omkhulu wokudilizwa kwesakhiwo noma ibhilidi  leChina Emporium, ubona ngenqwaba yemfucuza yomhlabathi nezitini ephambi kwalesi sakhiwo. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi wokubhidliza lesi sakhiwo uyaqhubeka. Yize izindonga zezitini sezibhidliziwe, izakhiwo zikakhonkolo ngeke zibhidlizwe kuze kube umsebenzi wangaphakathi usuphothuliwe. Lesi sakhiwo sihlolwa njalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi umsebenzi uqhubeka kahle futhi wenziwa ngendlela ephephile. Ukubhidlizwa kwalesi sakhiwo kungomunye wemisebenzi esiyenziwe ngempumelelo wumnyango iProblem Buildings Division njengengxenye yohlelo lokuvuselelwa kwenkaba yeTheku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *