Kunxuswa abantu abangaba ama-stem cell donor ukuthi barejiste enhlanganweni iDKMS

ABENHLANGANO iDKMS Africa okuyinhlangano engenzi inzuzo eqhuba umkhankaso wokulwisana nomdlavuza wegazi, inxusa abantu abangaba nothando lokujoyina, umkhanaso wayo wokuba ama stem cell donor ukuze baphephise izimpilo zalabo abakhahlanyezwe ilesisifo.

Ngokwesitatimende salenhlangano, sithi,nsuku zonke babalelwa ku 15 million abantu balapha eNingizimu Afrika abathembele ekubeni abagibeli bamatekisi aqhutshwa abashayeli bawo.Kodwa manje abanye abashayeli bamatekisi ababili – okungu Qaphelani kanye noSfundo – babeke ithemba labo kubantu bakuleli ukuthi basayinde ukuzinikela babe ama- stem cell donor, ukuze bathole ukwelapheka.Lokhu kuza emuva kokuthi labashayeli ababili behlolwe batholakala ukuthi banomdlavuza wegazi.

Emva kwezimpawu zokulokhu ehlushwa ukukhathala, ukuphefumula kanzima kanye nobuhlungu esifubeni,ngonyaka ophelile, uSfundo (29), ube esefuna usizo okwelashwa, waxilongwa, kwatholakala ukuthi unesifo esibizwa nge Aplastic Anaemia okuyisifo esimayelana negazi lapho umzimba wehluleka khona ukukhiqiza ama blood cells amasha.

Ngelishwa uSfundo uyena obheke ukondla umndeni wakhe, kodwa manje akasakwazi ngisho nokusebenza ngenxa yesimo sokuthi, sekumele achithe isikhathi esiningi evakashela isibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central Hospital, lapho ethola khona ukwelashwa, kodwa ebe esalinde ukuthi athole ongakwazi ukumnikelela nge stem cell. Uma ethatha uhambo lokuya esibhedlela uhamba yedwa ngenxa yokuthi emndenini wakhe akekho onemali yokuthi akwazi ukumphelezela.

“Ngithandazela ukuthi ngithole umuntu onganikela nge stem cell esifanelene nami ukuthi arejiste, impilo yami ithembele kulomuntu ongaba nothando lokuthatha istephu  sokuqala esiyongenza ngiphile ngikwazi ukuphinde ngondle umndeni wami.” kubalisa uSfiso.

UQaphelani naye obezisebenzela ondla izingane zakhe ezimbili, naye usehleli akasakwazi ukusebenza ngenxa yokuxinwa ukugula okumayelana nesifo esibizwa nge T -Acute Lymphoblastic Leukaemia naso esimayelana nekhensa yegazi  esihlasela umkantsha. Izimpawu zaleso zihlanganisa ukopha izinsini, ukuphelelwa amandla, kanye nokuncipha komzima.

Uma esho uQaphelani, uthi, “ izingane zame zihlale zingibona ngiphelelwa amanje nsuku zonke, zingibuza ukuthi zingenzani ukuze ngibe ngcono. Kubuhlungu ukuthi zingane zami zingibone ngikulesimo.”

Naye uQaphelani,masonto onke uhlale ehambela esibhedlela eyothola ukwelashwa okuyinto enezindleko.Nakuba engakaze aphuthe esibhedlela kodwa uthi uyesaba ukuthi kungenzeka agcine engaphumeleli ukuya esibhedlela ngenxa yenkinga yokweswela imali.

“ Kuyinjwayelo ukuthi I stem cell transplant esisuke sinikelelwe isiguli isona esiyithemba lokuphila kogulayo.Nokho mancane amathuba okuthola umuntu onganikela nge scubu esifanelene nesesiguli, okuba umuntu oyedwa kubantu abangu 100,000.Okungakho sicela ngokushesha ukuthi sithole abantu abaningi kakhulu abangakwazi ukujoyina ukuze ba-rejiste ukunikela.” kuchaza uPalesa Mokomele oyi Head of Community and Communications enhlanganweni ye-DKMS-Africa.

“Nakuba abashayeli bamatekisi bedume ngokuba izikhondla khondla kodwa umdlavuza wegazi, kanye nezinkinga zegazi, ziyabahlasela nabo. Ngifisa ukunxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika abaphile kahle, nabaphakathi kweminyaka yobudala engu-17 no 55 ukuthi barejiste ukuba ama stem cell donor, ukuze basize ukusindisa izimpilo zabantu abafana no Qaphelani  kanye noSfundo, ababambe iqhaza emnothweni walelizwe.” ephetha ngokuthi abanothando loku rejista bangavakashelaiwebsite: http://www.dkms-africa.org/register-now.

Ukuthola ulwazi olwengeziwe ungaxhumana ne DKMS Africa kwinombolo ethi: 0800 12 10 82.

MAYELANA NE-DKMS; iyinhlangano yomhlaba engenzi inzuzo ezinikele ukuqhuba umkhankaso wokulwisana nomdlavuza wegazi, yasungulwa eGermany ngonyaka ka 1991, uDktl. Peter Harf, ne DKMS ngokubambisana nezinye izinhlangano, inabasenzi ababalelwa  ngaphezu kuka 1,200. Kanti izimisele ngokunika iziguli eziningi ithuba lesibili lokuphila.

IDKMS isinama-donor abalelwa ku 115,000 abazimisele ngokunikela ngama stem cell abo kulabo abadingayo. Osekwenze lenhlangano yaba ehamba phambili emhlabeni wonke kwezama stem cell transplant. Inamahhovisi eGermany,US, Poland, UK, Chile,nase South Africa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *