Amalunga eKhabhinethi lephalamende lesikhombisa akwamukele ukuzibophezela kabusha  kukaMengameli

SHEILA MHLONGO

Amalunga ekhabhinethi lePhalamende lesikhombisa akwamukele ukuzibophezela kabusha  kukaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa mayelana nokulethwa kwemisebenzi kubantu. Lokhu kuza emuva kokuthi uMengameli ethule inkulumo yokuvula iPhalamende ngoLwesine lomhlaka 18 Julayi 2024 eCity Hall eCape Town.

Lenkulumo kaMengameli ithakaselwe oNgqongqoshe beminyango ehlukene abangaphansi kukahulumeni wobumbano (GNU) njengoba izwakale ibonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuthuthukiseni imisebenzi ebalulekile, waphinde wenaba mayelana nangendlela uhlelo lokwethulwa kwemisebenzi kahulumeni oluzokwenzeka ngalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi lohulumeni wobumbano udaleke emuva kokhetho olwalungomhlaka 29 Meyi lapho kungazange kube khona iqembu elithola amavoti anele ukuthi lingabusa ngalodwana, nokuphethe ngokuthi ikhabhinethi yakhiwe amaqembu ayishumi asayinda ukuba ngaphansi kukahulumeni wobumbano. Lokhu okuzokwenza ukuthi wonke lamaqembu asebenze ngokubambisana ukuze kwenziwe ngcono ukulethwa kwezidingo kubantu kuphinde kuthuthukiswe umnotho wakuleli.

Emva kwenkulumo kaMengameli abanye boNgqongqoshe beminyango eyahlukene bazwakalise ukuzibophezela kwabo ukugcina imigomo yalombuso ehambisana nesitatimende sokuzibophezela esisayindwe amaqembu ehlukene ngaphansi kwayo iGNU.

Phakathi kwezinto ezibalulwe kulomgomo ezibalulekile kubalwa ukuthuthukiswa kwezomnotho okuhlanganise wonke umuntu, ukudala amathuba angcono okuqeda ubuphofu, ukubhekela amalungelo abasebenzi, ukuletha uzinzo kuhulumeni, kanye nokushaya imithetho emayelana nokubhekela amalungelo abantu, ehlanganisa ukukhuthaza ukubumbana kanye noxolo.

URamaphosa uphinde waqhakambisa izinhlelo ezakhukene okubalwa kuzona ingqalasizinda, ukwenziwa ngcono ezempilo, konke lokhu okuqondwe ngakho ukuthuthukisa izakhamizi kanye nokuthuthukiswa komnotho.

UNgqongqoshe wezamanzi kanye nokuThuthwa Kwendle uPenny Majodina yena uzwakalise ukuthi udaba lwamanzi ludinga ukuthathelwa phezulu.

“Sinohlelo lwamanzi esiluvulile olufana ne Lesotho Highlands Phase 2 esizolisebenzisa ukuphakela amanzi ezindaweni ezifana ne Gauteng, North West, Free State, Mpumalanga kanye ne Northen Cape.” kusho uMajodina.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa, naye ulamukele ikhwelo elihlatshwe uMengameli lokuthi kuqale ukusebenza komthetho obhekela abantu abampofu ukuze nabo bakwazi ukuthola usizo lokukhokhela izidingo ngqangi ezingeni lohulumeni basekhaya.

“Lokhu kungumphumela wokuzibophezela kwethu, njengoba savumelana ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukujika izinto , Sizophinde silungise omasipala ngoba uma ngabe bengasebenzi kahle angeke kube khona intuthuko.” Kusho uHlabisa.

Kanti nodaba lomshwalense wezempilo (NHI) nalo uMengameli akalushiyanga, njengoba ethe uhulumeni uzohlanganisa izinhlaka ezahlukene ukubonisana ngendlela loluhlelo oluzosebenza ngayo lokhu ekwenza ngokuthi kulungiswe ukungaboni ngasolinye kuloluhlelo, lokhu okufakazelwe nanguNgqongqoshe wezeMpilo uDktl. Aaron Motsoaledi.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *