OWAMI THABETHE
Iqembu lo Mkhonto Wesizwe libambe imashi enokuthula isuka ku King Dinuzulu Park ilibangise e City hall eThekwini ngolwesithathu mhlaka 17 kuJulayi 2024 lapho ibiyokhalaza khona ngokukhwabaniswa kwamavoti ngesikhathi sokhetho lukahulumeni kazwelonke ngomhlaka 29 ku Meyi 2024 abasola ukuthi u IEC unesandla ekulahlekeni kwamavoti e MK.
Lemashi ibihanjelwe uNobhala Jikelele we Youth League u Bonginkosi Khanyile, isekela lika Nobhala wenhlangano, izikhulu zika IEC, umdidiyeli wesifunda weMK uReggie Ngcobo kanye namaphoyisa abekade eqaphe isimo semashi.
Iqembu le MK aliweseki uhulumeni wobumbano (GNU)yingakho ingazange ivele kuwo, ilwa nokuqokwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natali uThami Ntuli ekubeni engaliwinanga ukhetho esifundazweni.Baveze kakhulu ukungenami ngenkulumo eyathulwa owayengu Sihlalo weDA u Hellen Zille ngekhathi ethulela abezindaba eGoli ngomhlaka 2 kuJulayi emva kwengxongxo emayelana noHulumeni wobumbano wesifundazwe ingahambanga kahle waphetha ngokubiza iqembu le MK ngezinja. “Sesikhathele yilaba abacwasa ngokwebala abasebenzisa isingisi ukusidicilela phansi bese kuthi ngokuhamba kwesikhathi bethi bebesebenzisa izifenqo. ngokwazi umlando wakhe wokucwasa ngokwebala sizophonsela inselelo uZille aze axolise esidlangalaleni”.kusho uBishobhi Bheki ongumhleli we mashi.
Leli qembulithi lifake incwadi kwa IEC yokuba bavume ukuphindwa kokhetho.Bafuna ubulungiswa kuvezwe obala laba abadayisa amavoti enhlangano okhethweni nakoMasipala, lenhlangano ithi inabo ubufakazi bokuthi iqembu le MK laluwina ukhetho ikakhulukazi esifundazweni kodwa yize kunjalo iqembu lithole izihlalo ezincane ephalamende laphinde laphucwa esika Ndunankulu wesifundazwe. Umkhonto Wesizwe usabisa ngobufakazi obukhulu abakuqukethe okufakazela izinsolo zabo oyoziveza enkantolo bathi ke ngalolosuku iyodlala ifilimu. “ Sikhathele nguhulumeni obukela phansi abaphathi bendabuko amakhosi asephenduke abantu abangelutho, sithi njengeqembu loMkhonto Wesizwe konke lokhu kuzophela, sizolwelwa isizwe sethu ukuba sibuyele ezandleni ezifanele, bonke ubugebengu obugcwele emaphalamende sizolwa nabo, sifuna abantu bonke bazi ukuthi ikhona i MK njengekhaya labo”. kulula kafishane uNgcobo.