OWAMI THABETHE
Bekukuhle kudelile kuma KZN Namuhla Artist Awards abebanjelwe eThekwini Community Church ngempelasonto, mhlaka 07 kuSepthemba lapho bekubungazwa amaciko ahlukahlukene aKwaZulu-Natali nangaphandle kwesifundazwe.
Atheleke ngobuningi bawo amaciko evela ezifundazweni ezahlukene ko Gauteng, eCape Town nase Eastern Cape, lokhu kukhombise ukunyuka kwezinga lomcimbi sukela waqala, kanti futhi imiklomelo ibihluke kakhulu kulonyaka njengoba iciko ebelinamavoti amaningi belithola nesheke lemali ngaphezulu.
UMhleli wephephandaba iKZN Namuhla Community Newspaper ophinde abe ngumsunguli womncintiswano u Nksz. Sheila Mhlongo uphinde wabungaza iminyaka engu-26 kwasungulwa iphepha. UMhleli uphinde wahlonipha izimenywa zakhe ngezindondo ezikhethekile,ngaphansi komkhakha we-Editor’s Special Awards.
UDr Tamara Shange ekanye noMhleli uyena obethula imiklomelo ehlonipha iqhaza elibanjwe abesifazane abenza umehluko emphakathini okubalwa, owabe engumsakazi woKhozi uVicky Masuku, Nonhlanhla Khumalo- Jele,oyiCommunications Manager eMlalazi Municipality, uThandeka Ngobese oyiStation Manager kwiNanda FM 88.4 , uDr Gcina Mhlophe, ongumsunguli weGcinamasiko, kanye noNkk Isabel Gwala onguthishanhloko esikoleni iSidelile High School eMagabheni


