Bahlomule ngemiklomelo yamasheke abawine kowe Durban Business Fair Excellence Awards

OWAMI THABETHE

Abawine iDurban Business Fair (DBF) Excellence Awards bathi bajabule ngendlela abadlale ngayo futhi ukunqoba kwabo kuzoletha izinguquko ezinhle emabhizinisini abo.

Le miklomelo ibihlelwe nguMasipala weTheku eDurban Exhibition Centre ngomhlaka-27 Septhemba . Bancome amagalelo amangalisayo osomabhizinisi abancane, abaphakathi nabancane eThekwini.

Kuphinde kwaklonyeliswa abawine iLion’s Den Business Plan Competition kanye neDurban Fashion Fair (DFF) Recognition Awards.

USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku, uMnuz Thembo Ntuli, udlulise amazwi okuhalalisela labo abaphumelele ukunqoba.

Uthe umuntu ngamunye uzothola ingxenye yetshalomali kaMasipala kwabaphumelele, efinyelela ku-R500 000 futhi ihlanganisa nezinsiza ezibalulekile kanye nokwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi ngenani lesheke labo.

UMartin John Steenkamp,umqondisi wezobuciko kaMartin John Bespoke, ohlabane ngendondo yeFashion Innovation Award, uthe uzizwa ejabule kakhulu ngokuwina.

“Akukona nje ukuthi ngiwinile kodwa kuwudumo kimina ukuhlonishwa esikhaleni sokusungula izinto ezintsha .

Ukuhlonishwa ngabantu akade bekulo mkhakha nabavule indlela yokuthi abantu abafana nami babe khona kulo mkhakha kuwudumo olukhulu,” kubonga u Martin.

UBawinile Mkhize ongumnikazi weMthuqasikababa Enterprise egxile ekuthungeni imifaniswano yesikole, uhlomule emunxeni we-Excellence Awards Category wemuka no-R50 000.

Uthe uzosebenzisa yonke imali ayiwinile ukuze athenge lezi zinto ukuze andise inzuzo nokudala amathuba omsebenzi. Inkampani yakhe, ezinze eSavannah Park, kumanje iqashe abantu abangu-32.

UMelo Nhleko, ongumnikazi weTakkie Wash SA, udle umhlanganiso emkhakheni webhizinisi labesifazane. Ibhizinisi lakhe liwasha amateki kanti linamagatsha eMusgrave, uMhlanga naseHillcrest. Unabasebenzi abangu-16.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *