Kwethulwe umkhankaso wokuqwashisa ngenkinga yokusetshenziswa ngokweqile kophuzo oludakayo

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwe lonke uNksz. Sisisi Tolashe ngosuku lwe World No Alchohol Day

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwe lonke uNksz. Sisisi Tolashe ekanye  nowesifundazwe saKwaZulu Natali uCynthia Mbali Shinga, bethule umkhankaso wokuqwashisa ngobungozi bokusebenzisa ngokweqisa uphuzo oludakayo owaziwa nge World  No Alchohol Day obubanjelwe eSweetwaters eduze nase Mgungundlovu ngomhlaka  2 Okthoba 2024.

Lolusuku lwe World No Alcohol Day lasungulwa izwe lase India ngesikhathi kade kune World Health Assembly eyayibanjwe eGeneva ngonyaka ka 2008, lapho kwakuhlangene  amalunga abalelwa ku 193 e World Health Organisation (WHO) lapho abe esesayina khona isivumelwano sokunciphisa ukusetshenziswa kophuzo oludakayo.

LaboNgqongqoshe bobabili babambe  izingxoxo nomphakathi kanye nezinhlaka ezahlukene ngenhloso yokudingida izinkinga ezimayelana nobungozi bophuzo oludakayo.Kanti uNgqongqoshe uTalashe yena ugcizelele ukubaluleka kokuzibandakanya komphakathi ekulweni nalesihlava sokusetshenziswa kophuzo oludakayo ngokweqile nosekuhlasele ngisho izingane ezincane imbala.

Ngakolunye uhlangothi uNgqongqoshe uShinga yena uthe sikhulu isidingo sokusebenzisana emphakathini ukuze kwenziwe imizamo yokuvikela intsha kulenkinga yophuzo oludakayo, ngoba uphuzo oludakayo luyinkinga ebhekene nomphakathi wonkana.

UShinga uphinde wanxusa iziphathimandla zomthetho ukuthi zithathele izinyathelo amashibhi angekho emthethweni okuyiwo anomthelela wokuthi kwande inkinga yokusebenzisa ngokweqisa uphuzo oludakayo.

IPhini loMphathi Jikelele osabambile obhekele ezeNhlalakahle  uSiza Magangoe naye uveze ukukhathazeka kwakhe mayelana nokutholakala kalula kophuzo oludakayo entsheni esafunda, wathi kubi impela ngoba intsha eningi isiphenduke izigqila zophuzo oludakayo, wanxusa ukuthi kube nokusebenza ngokubambisana phakathi komkhakha wezemfundo kanye nowezempilo ukuze kuliwe nalesihlava.

Kanti kuwo lomcimbi kube sekunxuswa umphakathi wonkana waseNingizimu Afrika  ukuthi wehlise uphuzo oludakayo futhi ungadayiseli izingane utshwala ikakhulukazi kulesikhathi senyanga kaOkthoba sokuqhutshwa komkhankaso we World No Alchohol Day.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *