OWAMI THABETHE
Sekuphinde kwaboshwa omunye usayitsheni oneminyaka engu-43 ubudala osebenzela esiteshini samaphoyisa eLimpopo, naye osolwa ngamacala okubulala .
Usayitsheni obesemsebenzini uboshwe kulandela uphenyo olude lukaKaputeni Keshi Mabunda ngezinsolo zokuthi ubehlomula ngamakhava omngcwabo, ezingozi nezempilo emabhange ehlukene nasezinkampanini zomshwalense.
Ngokophenyo, waqala isishoshovu sakhe sokubulala ngo-2019. Izisulu zakhe wazazi futhi ziphuma emakhaya ahlwempu futhi angenawo amathuba futhi ezinye zazikhubazekile noma ziphazamisekile ngokwengqondo.
Ubezothatha i-life policy nama-funeral cover egameni labo bese kuba nguyena ohlomulayo.
Njengamanje uyamataniswa namacala ayisithupha okubulala ahlobene nomshwalense kanti ubufakazi buveza ukuthi usefake ephaketheni u-R10 million.
Ngemva kwezinyanga zophenyo, ithimba labaphenyi lathola incwadi egunyaza ukuboshwa. Incwadi egunyaza ukuthi aboshwe ikhishwe esiteshini samaphoyisa asebenza kuso.
UMasemola uthe kuyichilo ukubandakanyeka kwabo emacaleni amabi kangaka.
“Njengephoyisa uphathiswe ukuphepha nokuvikeleka kwemiphakathi. Iphoyisa elithweswe umsebenzi omkhulu kangaka ukuba lizibandakanye ezenzweni ezifuze lezi kuyichilo elikhulu. Lokhu kumele kuthumele isexwayiso esiqinile kubo bonke abathintekayo ukuthi ingalo ende yomthetho izonithola bese inibamba,” kusho uMasemola.
Usayitsheni kulindeleke ukuba avele eNkantolo yesiFunda yasePolokwane ngamacala ayisithupha okubulala kanye namacala angu-17 okukhwabanisa ngoLwesihlanu mhlaka 12 Okthoba.