OWAMI THABETHE
UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwe lonke u-Barbara Creecy uthe uhlelo oluhamba phambili lweSouth African National Road Agency’s (Sanral) lokuthuthukisa imigwaqo enguthelawayeka u-N2 no-N3 luzodala amathuba emisebenzi angu 10 000 futhi luvuselela amathemba omnotho KwaZulu-Natali.
- -N2 kanye no-N3 isebenza njengemithambo ebalulekile yokuhamba nokuthuthwa kwezimpahla nabantu, njengoba u-70% wezimoto zomgwaqo zaseNingizimu Afrika zinqamula le mizila ukuze zifinyelele emachwebeni aseThekwini nase-Richards Bay.
UCreecy ukhulume ngezinselelo zangaphambili ezidalwa ukuminyana nokuphepha emgwaqeni, ikakhulukazi ezindaweni ezinedumela elibi njenge-Key Ridge ku-N3. Ukutshalwa kwezimali ezingango R4.5 Million ukulungisa kabusha le ngxenye yomgwaqo ewumqansa kulindeleke ukuthi kuthuthukise kakhulu ukuphepha kubo bonke abasebenzisi, ikakhulukazi izimoto ezithwala impahla.
Ngaphandle kokuphepha nokucinana kwabantu, uCreecy ugqamise indima yalolu hlelo ekufukuleni intsha ngokuqeqeshwa kwamakhono.
“Senza umsebenzi obalulekile wokuqinisekisa ukuthi abantu abasha, noma ngabe basekilasini lama-artisan noma abaphothule enyuvesi, bathola ithuba lokuziqeqeshela khona,” kuchaza u Creecy.
Selokhu kwaqalwa lolu hlelo, intsha eyi-1 000 ithole ukuqeqeshwa emsebenzini, okunezinhlelo zokuphinda kabili leso sibalo, okukhombisa ukuzibophezela kwezigidi ezingama-R340 ezinhlelweni zokuqeqesha kule minyaka ezayo.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe lokhu kuthuthukiswa kuthuthukisa umnotho, ukuthuthukisa osomabhizinisi basekhaya (SMMEs) nokudala amathuba entsheni.
“Lolu hlelo kuzoba wuhlelo lwesifundazwe saKwaZulu-Natal kanye nabantu baso,” usho kanje.