Beliphezulu izinga kosomabhizinisi abebe bambe iqhaza kowe Durban Business Fair.

Esithombeni Ukhansela u Thembo Ntuli esika iribhini ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni i iSouth Region Durban Business Fair ngokusemthethweni.

OWAMI THABETHE

IDurban Business Fair (DBF) 2024 inyuse kakhulu igiya kulonyaka, iqinise isithunzi sayo njengenkundla ephambili yezokuxhumana, ukwabelana ngolwazi, kanye nezimakethe. Umbukiso wakulonyaka, ubuqukethe isihloko esithi Regional Fairs: Back to promoting township businesses and economies’. Lombukiso uqale mhla zingu 24 kuya kumhlaka 27 ku Okthoba KwaMnyandu Shopping Centre.

Lo mcimbi uhehe abantu abangaphezu kuka-14 000 abavela eMlazi nasemiphakathini eyakhelene nayo.

Uphinde wahlanganisa amabhizinisi angaphezu kuka-130 emikhakheni eyahlukene

Omunye wosomabhizinisi ongusaziwayo, owaduma kakhulu emsakazweni nakuthelevishini, u Sbusiso Leope owazi wa ngelika DJ Sbu ukhuthaze intsha ukube izibandakanye kumabhizinisi ezokwakha futhi bonge izakhiwo ezindala abangazisebenzisa ukungenisa imali.

Ucebise umphakathi ukuthi ziningi izindlela zokungenisa imali uma benezakhiwo abangazishintsha zibe sezingeni elihle lokuqashisa abantu kuwona.

IBusiness Indaba inikeze amabhizinisi amancane amathuba amaningi okufunda ngosizo lwezezimali, ukuthobela imithetho, ukumaketha kanye namathuluzi okuthuthukisa amakhono avela ezinhlanganweni ezahlukene.

Kuphinde kwaba nohlelo lwe-Kiddiepreneur ukuze izingane zifunde mayelana nezamabhizinisi ngokusebenzisa imisebenzi yokuxoxisana.

Lokhu bekuholwa ngu Ibanathi Mpungose odume ezinkundleni zokuxhumana lapho ebechaza ukuthi izinkundla zokuxhumana zingenza kanjani inzuzo njengebhizinisi. Kanti-ke izingane zaselokishini ziphume ngobuningi bazo zizothamela lomcimbi.

 Bekuphinde kube nombukiso wokudla obizwa nge-‘Flavours of Durban’ wabapheki abasafufusa. Kube neziteshi ezintathu zokupheka lapho abapheki abahlukahlukene kanye nosaziwayo bebesina bededelane inkundla ekhishini.

UKhansela Thembo Ntuli, onguSihlalo weKomidi lokuThuthukiswa koMnotho nokuHlelwa kweDolobha, uzwakalise ukuziqhenya ngokuzibophezela kwalolu hlelo ekwesekeni amabhizinisi asemalokishini ngokusebenzisa abahlinzeki bempahla kanye namathalente, okuhlanganisa nabapheki abadumile.

Lo mcimbi udale amathuba emisebenzi yetoho angaphezu kuka-70 futhi wahlomisa abantu abasha ngamakhono abalulekile kubasebenzi.

UKhansela uNtuli uphawule wathi uthola imbiko emihle kuphela emabhizinisini abekhangisa eDBF . Bakujabulele ukubonakala kwabo  kanye nokwenza inzuzo njengoba amabhizinisi amaningi ethola amakhasimende elandelelana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *