
OWAMI THABETHE
USlindile Mfeka oqhamuka endaweni yase Hillcrest ,ongumsunguli we Kune Kraft udle amahlanganiso kowe South Region Durban Business Fair kulonyaka njengoba ebashaye bonke emakhanda osomabhizinisi abekade bebukisa ngimisebenzi yabo.
USlindile uqambe ibhizinisi lakhe ngabantwana bakhe bamantombazane abane (kune) njengokuzomugqugquzela uma eselahla ithemba ngebhizinisi lakhe.
Uveze ukujabula kakhulu ngokuphuma phambili ngebhizinisi lakhe njengoba engenalo ngisho i hhovisi asebenzela kulo, usebenza ekhaya. USlindile ukhiqiza izikhwama namacici akroshwe ngezandla zakhe.Uthi uthando lokukhrosha walithola emndenini wakhe, ukhule ekhaya komama nasekhaya kobaba kuphilwa ngakho ukukrosha.
Lowesifazane osemncane uzuze umklomelo wesikhala sokukhangisa umsebenzi wakhe kwi Isolezwe ngenani lika R65 000, I hamper yakwa Ikhokha engu R1,990 kanye nesitifiketi.
USlindile uthe angakujabulela kakhulu ukwesekwa, abantu bathenge imikhiqizo yakhe ikakhulukazi abantu besifazane njengoba edayisa kakhulukazi izikhwama neminye imikhiqizo yabantu besifazane.
Okwamanje utholakala ekhaya lakhe e Hillcrest lapho asebenzela khona kepha uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana, ku Instagram (kune_kraft) ku Facebook (Kune Kraft), ku Whatsapp 072 194 8350.

