
OWAMI THABETHE
UGcinikhaya Hlengane wase Nanda ezimangweni uphume indawo yesithathu kosomabhizinisi abekade bebukisa ngemisebenzi yamabhizinisi abo kowe South Region Durban Business Fair ethathe izinsuku ezintathu kusukela mhla zingu 25-27 Okthoba.
Lensizwa esencane itshele iphephandaba iKZN Namuhla ukuthi konke kuqale kancane lapho ekade ehambela izimbizo nezinkomfa zosomabhizinisi. Okuyilapho wathola khona umqondo webhizinisi naye wafisa ukuba ne bhizinisi lakhe. Kepha waqonda ukuthi angeke aqale ezingeni eliphezulu, kodwa uzoqala phansi njengawo wonke umuntu, laqhamuka lapho igama lenkampani yakhe Izinga Originals.
Udle umklomelo okubalwa kuwo ukukhangisa ngebhizinisi lakhe kwi Isolezwe ngenani lika R65 000, I hamper yakwa Ikhokha engu R1,990 kanye nesitifiketi sakwa South Region Durban Business Fair.
UGcinikhaya uthe ukuwina I DBF ulindele ukuba kumvulele amathuba amaningi njengoba abantu abekade bengalazi ibhizinisi lakhe sebemubonile. Uqhube wathi ulindele izinkumbi zabathengi zizomeseka kusimame ibhizinisi lakhe
Izinga Originals litholakala eThekwini eSouth beach, uyatholakala ku Whatsapp 071 089 8233

