Amakhosi akwaZulu-Natali abelwe isamba sika R34,1 million

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi umemezele ukwethula isabelomali sokuthuthukisa umsebenzi wamaKhosi esingu R34,1million, ngesikhathi kade enembizo nawo amaKhosi ebibanjelwe Olundi ngomhlaka 3 Januwari 2025.

Echaza uButhelezi mayelana nalesabelomali uthe sizodluliselwa kuma Traditional Council kuso sonke isifundazwe  saKwaZulu-Natali, lesamba sitholakale ezimalini zama Levy ebesigcinwe kwi Trust ngaphansi kwawo uMnyango, futhi sizobuyiselwa kuma Traditional Authorities kanye nenzalo yonke etholakele,kusukela ngomhlaka 6 Januwari 2025.

Lokhu kudluliselwa kwalesamba semali kuyingxenye yemizamo eqhubekayo yokuthuthukisa iphinde kuqiniswe umsebenzi wama Traditional Authorities kanye namaKhosi, njengoba kuyiwona angabaholi abasemthethweni emiphakathini yawo.

Kulomhlangano uButhelezi uphinde waqinisekisa ukuthi uMnyango wakhe uzibophezele ekuqiniseni kanye nokwenza ngcono izikhungo zobuholi boMdabu okuhlanganisa ezomthetho kanye nezomnotho.

Ekhuluma namaKhosi uButhelezi uthe, “ Lemizamo kuqondwe ngayo ukunika amandla abaholi boMdabu kanye nemiphakathi yabo, kuqinisekiswa ukuthi lezimali zisetshenziselwa ukubhekela izidingo zemiphakathi njengokubona kwamaKhosi.”

Lesimemezelo sithakaselwe yiwo wonke amaKhosi esho ukuthi lemizamo ikhombisa ukuzibophezela komnyango ekwesekeni umsebenzi wamaKhosi.

OnguSihlalo weNdlu yoMdabu kwisifundazwe kanye nomholi wama Khoi-San, Inkosi Sifiso Shinga uzwakalise ukwamukela lemizamo wathi sizoba nomthelela omuhle.

Ephetha uButhelezi uphinde wakugcizelela ukuzibophezela kwakhe kwisikhungo sobuholi boMdabu esifundazweni, waqinisekisa ukuthi uzosebenzisana nawo wonke amaKhosi ukuze kuthuthukiswe izindawo zasemakhaya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *