SHEILA MHLONGO
Inhlangano iNational Student Financial Aid (NSFAS) isinikeze abafundi abafake izicelo zokuthola usizo lwemali yokufunda ezikhungweni eziphakeme umnqamula juqu ukuthi bangase balahlekelwe ithuba lokunikezwa imali uma ngabe bengathumeli amaphepha (documents) afanele.
I-NSFAS inikeza abafundi usizo lwemifundaze kanye nemali mboleko kulabo abaphumelele kuzicelo zabo abafuna ukuyofunda emanyuvesi nakumaTVET colleges. Imali ye NSFAS ikhokhela izindleko ezifana nemali yesikole, ukubhalisa, izinto zokufunda, indawo yokuhlala kanye nemali yokudla
Imininingwane okudingeka abafundi bayithumele ku NSFAS ngendlela yoku-Uploda
- NSFAS unikeze abafundi isikhathi esiyizinsuku ezingu 30 kusukela ekuqaleni kwenyanga ka-Januwari, noma kusukela uNSFAS efune imininingwane.Kanti uma kuphela izinsuku ezingu-30 ingathunyeliwe imininingwane izitshudeni kumele ziqonde ukuthi izicelo zazo kobe zifana nento engasamukelekile, ngoba zobe seziphelelwe isikhathi.
Indlela yokuthumela imininingwane (Upload) ku-NSFAS.
Step 1: Log into your myNSFAS account
Step 2: Click on the Document Upload Section
Step 3: Prepare Your supporting documents
Step 4: Upload supporting documents
Step 5: Submit your supporting documents
Emva kwesikhathi u-NSFAS uthi izitshudeni zingabuyela kuma- myNSFAS portal zibheke imiphumela yezicelo zawo.
Imiphi imininingwane efunekayo kwa -NSFAS
Imininingwane edingekayo iya ngesimo somfundi, nansi embalwa edingekayo:
- NSFAS Declaration Form: To be completed by the Principal of the School or the Social Worker (for non-SASSA applicants).
- Orphan/Vulnerable Child Declaration Form: To be completed by the Social Worker (for applicants under 18 years).
- NSFAS Consent Form: To be completed by the applicant and/or parent(s), guardian, or spouse. This form is not required for SASSA recipients.
- Court-issued Document: Required to prove guardianship when an applicant has indicated a legal guardian.
- NSFAS Declaration Form (Non-Court Appointed Guardianship): To be provided by the applicant if the guardianship is not court-appointed.
- Disability Annexure Form: To be filled out by a certified medical doctor or a suitably qualified professional (e.g., optometrist, physiotherapist, or head of the disability unit). This form confirms the student’s disability status, specifies the support needed, and explains how the student would benefit from the suggested support.
Kumele kuqondakale ukuthi zitshudeni ziyothola izimpendulo zezicelo zazo uma nje sezithumele yonke imininingwane edingekayo nokuthi uma isiqinisekisiwe.
UNSFAS ukuqinisekisile ukuthi izitshudeni ezithola imihlomulo yakwaSASSA zona akudingeki ukuthi zithumele lemininingwane engenhla