SHEILA MHLONGO
UMgcini Mafa kuzwelonke useqinisekise amakhasimende ase-Ithala SOC Limited ukuthi noma lingavalwa kodwa izimali zawo ziphephile. Uhulumeni uzozivikela uma sekwenzeka ukuthi kuphothulwe konke okufanele kwenzeke.
Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi lokhu kuza emuva kokuthi isikhungo esengamele ezamabhange (Prudential Authority) sifake isicelo sokuthi Ithala SOC Limited ivalwe. “Siyaqonda ukuthi kuzoba nokukhathazeka kumakhasimende afake izimali zawo.” kusho uMgcini Mafa kuzwelonke (National Treasury) ngoLwesihlanu olwedlule lomhlaka 17 Januwari 2025.
Isikhungo esengamele amabhange (Prudential Authority) ifake isicelo sokuthi kuvalwe Ithala SOC Limited enkantolo ePhakeme eMgungundlovu. Lesinqumo siqonde ukuvikela amakhasimende abalelwa ku 257,000 afake izimali zawo.
Yonke lemiyaka Ithala SOC Limited ibisebenza ngaphansi kwemvume yesikhashana esukela kumthetho wamabhange (Banks Act) okuphethe ngokuthi Ithala yehluleke ukuhlangabezana nemibandela edingekayo ukuthi ithole imvume (licence)Lemvume ebikhona iphelelwe isikhathi ngoDisemba 2023, lokhu okube sekwenza ukuthi Ithala lingakwazi ukuqhubeke lemukele izimali zamakhasimende ngokusemthethweni.
UMgcini Mafa umsebenzi osusele ukuze kuphothulwe umsebenzi wokuvalwa kwe Ithala SOC Limited uhlanganisa ukuthi uhulumeni anikeze isiqinisekiso sakhe kumabhange ehlukeni ukuze izimali zamakhasimende zifakwe kuwona ukuze izimali zidluliselwe kumakhasimende.
Sisebenza ngokubambisana nesikhungo esengamele ezamabhange (Prudential Authority) ukwenza isiqinsisekiso sokuthi uhlelo lokuvikela izimali zamakhasimene luqhubeka ngendlela. Kanti amakhasimende wona kuzodingeka aphuthume enze amalungiselelo namanye amabhange ukuze kufakwe kuwo izimali zawo.”
Ngakolunye uhlangothi uMgcini Mafa yena uzobuye anikeze ulwazi mayelana nokuthi amakhasimende azozithola kanjani izimali zawo emva kwesinqumo senkantolo mayelana nesicelo sokuvalwa kwe Ithala.” kusho uMgcini Mafa.SANews.gov.za