SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu.Thami Ntuli usezwakalise ukuthi uhulumeni wesifundazwe uyazibophezela ukuthi uzoqeda uhlelo lokuqashwa kwabasebenzi ngaphansi kwezinkampani zamathenda, kodwa abantu bazoqashwa ngaphakathi kuhulumeni.
Lokhu kuza emuva kokuthi iqulu labantu abamele abasebenzi ngaphansi komkhakha wonogada,ama cleaners,kanye nabasebenza ezingadini benza imashi yokukhalazela ukuxhashazwa abaqashi babo bamathenda bethi sebefuna ukusebenzela uhulumeni ngqo.
Lendlela yokuqashwa uhulumeni isivele iqalile esibhedlela esisha esikwaMashu iDr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial Hospital enyakatho yeTheku.
Ngonyaka ophelile enyangeni ka-Okthoba, iqulu labantu ababevela kwinhlangano eyaziwa ngePhimbo Labasebenzi beliqhamukisa kulolonke elakwaZulu-Natali, kanye nakomasipala bahambisa iheheba lencwadi yezikhalazo (memorandum of demands) eyadluliselwa kuyena qobo uNdunankulu uNtuli. Encwadini yezikhalazo zabasebenzi babekhala ngokuthi bona bafuna luyekwe uhlelo lwamathenda ngoba luxhaphaza abasebenzi.
Okunye okwaba izimfuno zabasebenzi mayelana nendlela yokuqashwa uhulumeni kwaba udaba lokuthi kumele izimali ezibekelwe izinkampani zamathenda zifakwe ngqo kubasebenzi. Bafuna nokuthi yonke into ibe sobala futhi bakhokhelwe imiholo yabo ngesikhathi.
UNobhala Jikelele walenhlangano Iphimbo Labasebenzi waveza ukuthi abasebenzi bavame ukukhokhelwa sekwedlule isikhathi ngenxa yokuthi izinkampani abasebenza phansi kwazo zehluleka ukubakhokhela ngesikhathi esifanele lokhu okubenza bagcine sebengene ezikweletini.
Ngonyaka ophelile ngomhlaka 31 Disemba 2024 uNdunankulu uNtuli wathi, uhulumeni usethathe isinqumo mayelana nezikhungo zezempilo ezintsha ukuthi angeke kuzona kusasetshenziswa izinkampani zamathenda kodwa uhulumeni uzoziqashela yena abasebenzi abasemkhakheni wonogada, ama-cleaners,abapheki kanye nabasebenza ezingadini.
Waqhuba ngokuthi ukuqashwa kwabenza umsebenzi we-catering bona kuzokwenzeka ngezikhawu kuhambisane nokuba khona kwezimali, futhi izikhala zalomsebenzi ziyokhangiswa. Nakuba abamele Iphimbo Labasebenzi bezwakalisa ukuthakasela lokhu kodwa baphikisana nodaba lokukhangiswa kwezikhala ngoba vele bona sebevele bekhona.
Baqhuba bathi ukukhangiswa kwezikhala kungabafaka enkingeni ngenxa yenkohlakalo ekhona ngaphakathi kuhulumeni, bathi futhi abahambisani nokuyekwa ngezikhawu kohlelo lwamathenda ngoba abazi ukuthi kuyothatha isikhathi esingakanani.