SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba uzwakalise ukweneliseka ngomphumela omuhle wokubhaliswa kwabanikazi bama Spaza Shops abathole amalayisense abalelwa ku 250. Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi uMasipala weTheku uthi selokhu kwaqala ukubhaliswa kwaloluhlobo lwamabhizisi babalelwa ku 4,600 abanikazi bawo abafake izicelo, emva kokuthi uhulumeni kazwelonke elule isikhathi sokubhalisa ukuthi kube umhlaka 28 Febhuwari.
ISitatimende siqhuba sithi kusukela ngenyanga ka Novemba onyakeni ophelile sekukhishwe amalayisense abalelwa ku-250 wabantu abakwazile ukugcina zonke izimfuno, okuhlanganisa izinsuku ezingu-21 zokulinda nasebethole amalayisense abo.
Izinto ezidingekayo ukuze kucutshungulwe izicelo kubalwa ukuthi kuhlolwe indawo yokusebenzela ngabe Environmental Health kanye nabe Safety and Fire nokuhlanganisa nezinye izimfuno.
Kulabo abavela emazweni angaphandle, kudingeka incwadi esemthethweni eyimvume yokusebenza kuleli eqinisekiswe uMnyango wezaseKhaya
IMeya yeTheku uXaba uthe kuyakhuthaza impela ukubona izinga eliphezulu lalabo abafake izicelo, wathi lokhu kubonisa kahle kamhlophe ukuzimisela kosomabhizinisi ukubambisana noMasipala ukuqinisekisa ukugcina umthetho kanye nokuphepha.
“ Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi abanikazi bama Spaza Shops azimisele kanganani ukusebenzisana noMasipala weTheku ukuphromotha idolobha eliphephile. Sinxusa bonke abanikazi bama Spaza Shops ukuthi baqhubeke babhalise njengoba kobasiza ukwenza ngcono ukugcinwa komthetho, ukunciphisa izinkinga ezimayelana nezempilo kanye nokuphepha, kuphinde kube namathuba okukhula.” Kusho iMeya uXaba.
Ngaphezu kwalokhu uMasipala weTheku uhlele ama-workshop okucija osomabhizinisi ngolwazi kwezohwebo emawadini ehlukene. Lama-workshops azonikeza ulwazi oluphelele mayelana namalayisense kuphinde kube nethuba lokubhaliswa kwamabhizinisi.
Ama-Workshops ayoba kulezindawo ezahluukene:
* 4 February: Ntuzuma A Hall, Ward 38
* 5 February: Burlington Sports Ground, Ward 65
* 12 February: Soul Harvest Church (PS Nogoni), White Tent, Opposite Checksave at the Westrich Taxi Rank, Ward 36
* 19 February: Belvedere Hall, Ward 61
* 26 February: Magabheni Community Hall, Ward 99
IMeya iphinde yakhipha isexwayiso esibhekise kulabo abakholelwa ukuthi bangabalekela ukurejista ama Spaza Shops abo.
“ Angeke sikubekezelele ukungagcinwa komthetho. Ekupheleni konyaka ophelile sakhipha izexwayiso ezibalelwa ku-457 kumabhizinisi ehluleka ukugcina umthetho. Lamabhizinisi manje asenkingeni yokubhekana nokuvalwa abomthetho ngaphansi kwe Metro Police kanye namaphoyisa eSAPS. Kanti uma kwenzeka amabhizinisi etholakala ukuthi abeka izimpilo zabantu engcupheni aboPhiko lwe-Environmental Health bayowavala.”Kusho iMeya.
UMasipala usohlelweni lokufaka wonke amagama ama- Spaza Shops angekho emthethweni kwi-website lokhu okuyokwenza ukuthi avele obala.
Abanikazi bama Spaza Shops bayakhuthazwa ukuthi bavakashele ama- licencing office aseduze nabo noma bahambele ama workshops ukuze bathole ulwazi lokuthi ku-rejistwa kanjani.