Masiqale sakhe amasu okuphila usaqala nje unyaka

MFU. KATLEGO NARE

Sanibonani sizwe sakithi onyakeni omusha. Ngithemba sonke siphilile uMdali usasinike elinye ithuba lokuphila. Ngithi angikhuthaze unyaka uqala ukuthi masiqaleni  ukwakha amasu okuphila ukuze siwuqede kahle lonyaka singazisoli ekugcineni , kulesi sikhathi umuntu makazame konke okufika emqondweni wakhe uma kungekubi kungelimaze abanye . Uma singazama  ngamandla ethu wonke usaqala nje unyaka sakhe isisekelo esiqinile mancane amathuba okuthi imiphumela ingasijabulisi . Okuhle konke kuyovela ekuzimiseleni kwethu kukho konke esikwenzayo .

Obhalayo ngumfundisi Katlego Nare.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *