INingizimu Afrika ibungaza owesifazane wokuqala onsundu ukuba uMrs World

THOBILE MBATHA

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli obhekele ezabesifazane, Intsha kanye nabantu abakhubazekile, uSindisiwe Chikunga  uhalalisele uTshego Gaelae ngokuqopha umlando wokuba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuthola isicoco sokuba uMrs World.

Lommeli oneminyaka engu-33 ubudala owamukelwa eCenturion, eTshwane, uklonyeliswe njengoMrs World ka-40 emqhudelwaneni ohlonishwayo kaMrs World 2025 obungesonto emasontweni edlule eLas Vegas, e-USA.

“Njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yentando yeningi, ukunqoba kukaGaelae kuwuphawu olunamandla lokuqina, ukwenza kahle kanye nokuhlonishwa emhlabeni wonke kwabesifazane baseNingizimu Afrika. Isikhathi sakhe sokuqhakambisa iminyaka engu-40 kwasungulwa umncintiswano kaMrs World akukona nje ukuphumelela komuntu siqu kodwa umzuzu wokuzigqaja ngokwezwe othinta izigidi zabesifazane ezweni lonke.” kusho uChikunga esitatimendeni..

UChikunga uncome uGaelae ngokusebenzisa inkundla yakhe ukukhuthaza, ukuphakamisa, kanye nokumela ukufukulwa kwabesifazane emhlabeni jikelele.

“UTshego Gaelae ubhidlize imigoqo futhi wachaza kabusha ukuthi kusho ukuthini ukuba yindlovukazi. Uhambo lwakhe lukhuluma ngamandla okubekezela, umusa, kanye nenjongo uhambisana namaphupho abesifazane abaningi abanesibindi sokuphula imingcele bafune indawo yabo emhlabeni,” kusho uChikunga.

UNgqongqoshe uvumile ukubaluleka kokumeleleka nokubonakala kwabesifazane abaNsundu ebuholini bomhlaba kanye nasezikhaleni zobuhle, egqamisa ukuthi “ukuwina kukaGaelae kuwukuwina kwayo yonke intombazanyana elokotha iphuphe ngaphezu kwemikhawulo yomphakathi”.

“Lo mzuzu uyisikhumbuzo esinamandla sokuthi abantu besifazane baseNingizimu Afrika abavimbeki uhambo lukaTshego Gaelae luyakhuthaza, futhi siyazi ukuthi uzoqhubeka nokusebenzisa umbuso wakhe ukwenza izinguquko eziphusile,” kusho uChikunga.

Ubalule ukuthi ukunqoba kukaGaelae kuza ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iqhubeka nokulwela ukulingana ngokobulili kanye nobuholi babesifazane kuyo yonke imikhakha. Ugcizelele ukuthi umnyango usazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abesifazane namantombazane amancane  ikakhulukazi lawo aphuma emiphakathini ebinganakiwe bayawathola amathuba azobavumela ukuthi bavuke,bahole futhi bakhuthazeke.

“INingizimu Afrika ibheke ngabomvu ukwamukela uMrs World 2025 uTshego Gaelae abuyele ekhaya futhi agubhe ukunqoba kwakhe okuyingqophamlando. UMnyango Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abakhubazekile ukhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele ekugubheni le mpumelelo enkulukazi, futhi baqhubeke nokweseka abesifazane abaphula imigoqo futhi bahlahlele indlela yezizukulwane ezizayo,” kusho uNgqongqoshe. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *