UMotaung uthi abakaliphosi ithawula ngesicoco seBetway Premiership

SBUH MAMBA

Isikhulu esiphezulu seKaizer Chiefs uMnumzane uBobby Motaung uthi usenethemba lokuthi Amakhosi angasidla isicoco seBetway Premiership , uMotaung ubekhuluma nomethuli wezinhlelo zikamabona kude ( Supersport) uShaun Bartlet owazakhela ugazi esagijima kuChiefs engalibheki ipali, uMotaung ubekhuluma nalentatheli ngemuva komdlalo wabo neStellenbotsch FC abawunqobe ngo 1-0 eFNB Stadium ngesonto elidlule.

Kanti ngenyanga  edlule umfowabo ka Bobby Motaung omncane uKaizer Motaung Junior wethulengokusemthethweni abadlali abasha bempofana  okungu , Tashrqeeq Morris , Glody Makabi noThabo Cele wathi ufuna iChiefs iqede ku Top 3 ingene kuCAF Champion League noma ku CAF Confederations Cup  nesicoco seNebank usifuna eNaturena. Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNassredinne Nabi ucele abaphathi be Chiefs ukuthi bamthengele umgadli wase Congo uFiston Mayele ogijima kuPyramids FC yase Egypt noMohammed Hussein ogijima kuSimba FC yase Tanzania ngo June. Ikilabhu enethuba elihle lokunqoba isicoco seligi iMamelodi Sundowns , Amasandawana abhaxabule iPirates ngo 4-1 eLoftus Versfeld Stadium ngoMgqibelo ntambama athatha amaphuzu agcwele yavula igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni seligi.

Amasandawana aziphuzele isobho ebholeni laseNingizimu Africa futhi uma ike yahlala esicongweni seligi ayisuki ,ishaya ngomqeqeshi ohlonishwayo ebholeni lase AFRICA uMnumzane uMiguel Cardoso nabadlali basezingeni eliphezulu abadabuka eSouth America , oRebiero Costa no Sales base BRAZIL , Marcello Allende wase Chille  , uLucas Suarez wase ARGENTINA bese kuba abadlali abawu 8 abagijima kuBafana Bafana , abalandeli beChiefs nePirates nabo abakaliphosi ithawula ngesicoco seligi kodwa amathuba okususa iSundowns esicongweni seligi mancane kakhulu. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *