SHEILA MHLONGO
I new year’s resolution yami ukusebenza ngokuzikhandla ekufezeni amaphupho ami. Ukuthi ngizimisele kukho konke engikwenzayo futhi ngizibandakanye nabantu abalangazelele impumelelo njengami.
Njengoba ngiwumsakazi nomlingisi ngiyafisa ngelinye ilanga ukusakaza okhozini fm, ngilingise ku Generations the legacy naku Scandal. Into engiyifundile ukuthi uma ithuba lingaveli, zakhele elakho ithuba futhi ungesabi kholelwa kuwe.
Abalandeli bami bangalindela okuningi njengokuphinda bangibone kuma tv abo, bangizwe nase msakazweni.
Okwamanje mekungakabi bikho la engabizwe khona kodwa ngiyacela imisakazo kanye nomabona kude bangithinte uma kukhona isikhala, ngyathembisa ngeke bazisole. Ofisa ukuxhumana nami Facebook :Nokwanda KaNtuli , Tiktok :nokwandakantuli and Calls: 083 739 0549.

