WONDER NGCOBO
Umphakathi waseVelimemeze eCabhane ngaphansi kukaMasipala waseMzumbe, udinwe wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo nangezingodo ufuna ngodli izidingo kumaspala wendawo osewunesikhathi ungayinakile lendawo.
Kume ukufunda kwaphazamiseka nokuhamba kwezimoto kulendawo njengoba nabanikazi bezimoto eziyizithuthi zomphakathi bebeyingxenye yalokhukhulela ngoqo wombhikisho obudle ngokuthula.
Abantu baku lendawo bakhale ngokunganakwa nguMaspala woMzumbe obazi kuphela uma usudinga ivoti labo. Kulendawo amanzi ayinselelo enkulu njengoba kusabangwa amanzi nemfuyo
noma ngabe umasipala uyawakhipha amaloli aletha amanzi kodwa aphakela abathile kunezingxenye eziningi ezingawatholi, kanti kukhalwa kakhulu ngabaphelezeli balama water tanker abawalawula sengathi angawabo ngenxa yokuthi bawayisa lapho kuthanda bona khona, bese kuba nemizi angena emagcekeni kuyo.
Ngaphandle kwamanzi ugesi awukho ezindaweni eziningi njengoba bekukhethwa imizi uma kufakwa ugesi nezinkontileka zidayise ngezinsiza kusebenza babaleke uma sebeziqedile nomkhandlu ungalandeleli kuphele kanjalo.
“Ngakolunye uhlangothi imigwaqo ayinakiwe sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi kwagcinwa ukufakwa inkwali okuyiyona ndlela olungiswa ngayo njengoba kuyibhuqu nje, njengamanje izimoto zikhetha amabala lapho zihamba khona ngenxa yemisele egubheke emgwaqeni yalendawo, izindawo eziningi kuyaye kudingeke ukuthi imoto ime ilinde enye idlule ngenxa yokulimala komgwaqo.” Kusho isakhamuzi ebesidinwe sithelwa ngamanzi.
Nakuba uMasipala uMzumbe ungaphansi kwesifunda Ugu district kanye noMnyango wezokuThutha ufikile ukuzokwamukela izikhalazo kodwa kudingeke ukuthi lombhikisho uqhubekele osukwini lwesibili nalapho befike bathembisa ukusilungisa isimo kulendawo nalapho bethembise ukuphuthumisa ugrader ukuzolungisa inkinga yomgwaqo ngaphambi kokuthi kwenziwe amalungiselelo okubhekana nomsebenzi wokuthuthukisa lendawo.
Nakuba izakhamizi zikwamukele okuvunyelwene ngakho kodwa zikubeke kwacaca ukuthi uma kucweba iziziba emva kwalomhlangano bazobuyela emgwaqeni sebedinginga nehhovisi likaNdunankulu.

