WONDER NGCOBO
Umphathiswa wezempilo esifundazweni saseGauteng uNomantu Nkomo- Ralehoko uthole okukhulu ukugxekwa ngesiphakamiso sakhe asenze mhlaka 16 January lapho ayecela ukuba kusetshenziswe ama contraceptive implants njengekhambi lokuqeda ukukhulelwa kwezingane ezingamantombazane zisesezikoleni i( teenage pregnancy).
Lesiphakamiso size emuva kokukhulu ukukhathazeka ngokukhula kwezinga lokukhulelwa kwezingane zisesezikoleni nalapho ethe kumele abazali bavume ngokwabo ukuthi izingane zabo zizimbandakanye naloluhlelo ukuze zingezophazamiseka ezikoleni futhi zizokwazi ukufeza amaphupho azo. Nakuba ummeli wezempilo ngaphansi kuka Section 27 uKhuselwa Dyanti eveze ukuthi izingane ezingaphansi kweminyaka engu 12 yobudala azidinga igunya labazali ukusebenzisa lezivikeli-kukhulelwa, noqhube wathi abantwana abangaphezu kweminyaka engu 12 banelungelo lokuzithathela isinqumo ngokwabo kuloludaba kodwa uhlabe wahlikiza indlela uNgqongooshe aluveze ngayo loludaba nayibize ngengahlelekile futhi engamukelekile njengoba ethe loluhlelo bekungamele kube wuhlelo lwesikhathi eside, ikakhulukazi njengoba kusamele kuhlolwe ukuthi luzobaphatha kanjani abathintekayo.
Ukuphoqa ukusetshenziswa kwalesivikeli-kukhulelwa ezinganeni ezincane kuwukuhlukumeza ilungelo lazo lokuvikeleka kwemizimba yazo kusho uKhuselwa Dyanti weSection27 ecacisa kabanzi ngokushayisana phakathi kweSouth African’s constitution kanye nomthetho osebenzayo kumanje. uthi i children’s act inikeza ngokuphelele ezinganeni ezineminyaka engu 12 kuya phezulu ilungelo lokusebenzisa ama contraceptives ngaphandle kokungenelela kwabazali lokho okuchaza ukuthi besingekho isidingo sokufaka isicelo sokucela imvume kubazali ukuze kuzosetshenziswa implanon implants ezinganeni, kodwa okunye ukugxekwa kuze emva kokuthi uNkomo-Ralehoko lapho ethe ukusebenzisa lezivikeli kungavikela ukukhulelwa okudalwa ukudlwengulwa kwezingane, Le ndlela abeke ngayo nayo iphinde yafaka usawoti esilondeni njengoba lokhu kubizwe ngokucwaswa nokuhlukunyezwa kwelungelo labantwana abasuke bebhekene naleso simo kanye nalabo asebake babhekana naso kusho abamele inhlangano i Sexual Reproductive Justice Coalition.
I The Soul City Institute yona icele ukuba umphathiswa aqhamuke nendlela eyahlukile kunalena, bathi bafuna icebo elinobuchule elivela kuZwelonke elizohlonipha isithunzi sabantu besifazane abasebancane ngalenkathi ludlulisela imfundiso esezingeni ngezifundo zezocansi nokufinyeleleka kwezempilo kugoqa isikhulumi salenhlangano. uSolwazi wezempilo obhekele ngqo nezinto eziyimbangela yokubambezeleka kokubuyekezwa kwemfundiso ngezocansi ezisezingeni eliphezulu, ukuthathwa kwama contraceptives ngokuzikhethela, kanye nokungenelela ezintweni ezidala i gender-based violence , uthi lokhu kuveza ukwanda kwezinkinga phakathi kwemizamo kaHulumeni yokunciphisa ukukhulelwa kwezingane ezincane ezisesezikoleni (Teenage pregnancy) namalungelo omthethosisekelo abhekene nabantwana baseNingizimu Africa okuzithathela izinqumo mayelana nokuthi bayafuna yini ukuthola abantwana noma cha.

