WONDER NGCOBO
I STATE OF THE FATHERS 2025 ocwaningweni lwayo lwakamuva iveze ukuthi zingaphezulu kuka 40% izingane ezikhulela ngaphansi kwesandla somzali ongazizali emhlabeni jikelele, lokhu kuvusa okukhulu ukukhathazeka okushiya umbuzo othi basuke bekuphi obaba bangempela uma izingane sezikhuliswa obaba abazithole sezikhona?
U Dokotela Mlife ongudokotela wengqondo uveze ukuthi ziningi izizathu eziholela ekutheni bangatholakali obaba yize besadla anhlamvana nokwenza kugcine sekukhona omunye ozodlala indawo yakhe, uthe ngaphandle kwalabo abasuke sebedlulile emhlabeni kodwa nokungabikhona kwemisebenzi kudlala indawo enkulu ekubalekeni kobaba, wathi ubaba nguye okumele ondle aphinde avikele umama ngokunjalo nezingane zakhe kodwa emadodeni amaningi ukuvikela ngokuphelele umndeni kuncike emalini.
Amadoda uma engenayo imali azizwa engaphelele kwesinye isikhathi awabaleki ngoba eqondile kepha asuke ebalekela ihlanzo lokwehluleka ukuhlinzeka umndeni kanti ilapho ke esevula isikhala sokuthi kungene omunye, khumbula ukuthi umuntu wesifazane ungumlekeli wendoda ekukhulisweni kwezingane kodwa uma sekungumuntu wesifazane owenza lokho indoda izizwa isilula ingesenamsebenzi walutho ekhaya.
U Dr Mlife uthe kumele amadoda afundiswe ikakhulu kazi esezingane ukuthi ukuba yindoda akuchazi nje ukuba nemali ngakho ukungabi namali yisimo esedlulayo kodwa ukuba yindoda yisimo esingunaphakade, kanti izingane azidingi imali kuphela kubaba wazo zidinga nothando okuyilona oluhamba ibanga elide nalapho imali ingekho khona kodwa uma kukhona uthando umndeni uba yimbumba.
UMnu Kwanda oyingxenye yalolucwaningo yena uveze ukuthi kunezizathu ezicashile eziphinde zibe zimbangela yokubaleka kobaba ezingahlangene nokungasebenzi kwendoda, lapho uzothola ukuthi umuntu wesifazane usebenza umsebenzi ongcono kunomsebenzi wendoda ngakho uma kubekwa etafuleni ubukela phansi okubekwe yindoda kwenye inkathi aze akhononde kuyo belu indoda.
Ngokomthetho akekho onelungelo lokuvimba injabulo yabantwana ngenxa yokungeneliseki kwakhe yingakho kubalulekile ukuqonda ukuthi ubudlelwano benu bungobenu kuphela uma ningakabi nezingane kodwa uma sekukhona izingane kuyaye kube yizo phambili nina nize kamuva kanti ke lowo ongakuhloniphi lokho nguye ngqo osuke enenkinga.

