Umfundi wase Mthwalume owaphasa ngamalengiso.

WONDER NGCOBO

Uthi usekwenze konke anamandla okukwenza yingakho esecela nanoma ngubani ongangenelela asize ekutheni athole isikole. u Aphelele wakwa Ngcongo endaweni yaseMthwalume ogwini oluseningizim nesifundazw saKwaZulu-Natali, ngaphansi kukaMasipala uMzumbe.

U Aphelele waphothula umatikuletsheni eZibonele junior Secondary School lapho athola khona o Distinctions abangu 6, uthi wazama uku applaya ngohlelo lwe CAO emkhakheni we Accounting esikhungweni uNgoye University of Zululand, nakuba ethe uma esefika ngenhloso yokuyoqala watshelwa ukuthi asikho isikhala sakhe.

Uthi usezame izikhathi eziningi ezikhungweni ezahlukene kepha ubuya elambatha, uthi lento yokungasitholi isikhala isimhlukumeze kakhulu enyameni manje isingenele ekumhlukumezeni emoyeni njengoba ithemba lempilo lilele emfundweni .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *