Ubeyimpumelelo umcimbi  weMISA wokugubha iminyaka  engu-100

THOBILE MBATHA

U-Father Mduduzi Mchunu okunguye osontisa kulelibandla lama Roma St Anne’s Catholic Church ese Sydnehm ethekwini.

“Uthi inhloso yalomcimbi ukugqugquzela ubumbano kanye nothando .nokuthi intsha yakuleli bandla yazi ukuthi ubumnandi uyazenzela awulokhu uhamba ukuthungatha noma ilaphi lapha esontweni bavumelekile ukwenza imicimbi ezokhuthatha bona beyintsha kanye nokucobelelana njalo njalo ngezinto ezikhulisa umgqondo.

Uphethe Ngokubonga wonke umuntu obambe iqhaza ezinyangeni ezedlule kuze kufike usuku lomcimbi ngokulungiselela lo mcimbi, ikakhulukazi kulabo abasebenze ngokuzikhandla kuleli sonto lethu.”

Ngithanda ukudlulisa ukubonga kubonke nakwizihambeli zethu ezibe nathi ngoNmgqibelo,15 February 2025 Ngithi uJehova anibusise kwande afezekise namaphupho enu.Siyabonga kunina, makholwa ase-St Anne’s iminyaka eyikhulu yokuzinikela, inkonzo nokuzinikela ekukhonzeni uNkulunkulu. Sibheke ngabomvu eminyakeni ungu-100 ezayo yomphakathi, ukholo nokukhula njengePherishi.

Ngibonge nakumndeni wakithi eMachunwini ngokuma nami ngasosonke isikhathi .kubonga U-Father Mduduzi Mchunu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *