Inhlangano  i “YASIC”  yenza umsebenzi omuhle wokuthuthukisa intsha yaseMlazi

WONDER NGCOBO

Igila izimanga inhlangano i-Youth Against Social Issues (IYASIC) engenzi nzuzo eyasungulwa intsha ngenhloso yokulangazelela ukushintsha isimo sentsha ephila ngaphansi kwaso emalokishini ikakhulukazi eMlazi namaphethelo.

Lenhlangano yenza umsebenzi omuhle wokugqugquzela abantu abasha ukuba bavuke bazithathe ezintweni ezingamakhono nabakwazi ukuzenza ngaphandle kokulinda ukuthi baze baqede isikole noma bethole uxhaso lwezezimali njengalokhu kuyinto egqoza kakhulu.

Kungaleso sizathu lentsha yaseMlazi esigcemeni sakwa-H ebhorabhora ithathe igxathu lokungena emphakathini nasezikoleni ezingomakhelwane ikhuthaza  izingane ezinentshisekelo ekwenzeni umehluko ngezimpilo zazo bese bezilekelela ukufinyelela lapho zifisa ukufika khona.

Phakathi kwezinto ezenziwa yilenhlangano esungulwe ngonyaka ophelile yangapholisa maseko, yangena emgwaqeni yaqala ukufezekisa iphupho layo ngokuhambela izikole ithungatha izingane ezingaba nothando lokudlala imidlalo yeshashalazi, umculo kanye nezolimo njengoba kuyiyo imikhakha lenhlangano egxile kuwo okwamanje.

Ngonyaka owedlule basebenze kanye nezingane ezifunda kwesinye sezikole eMlazi bazilekelela ekuhlanganiseni ingoma yazo yokuqala esihloko sayo sithi:UDUMO base bezifaka estudio ukuze zibone ukuthi akuwona umdlalo kepha kuyasetshenzwa. Lengoma kamaskandi ihlanganiswe yizintombi ezincane ezino-12 weminyaka yobudala okungu Lethokuhle Shezi, Asanda Mncibi kanye no-Asanda Sabela baseMlazi.

ULindani Malinga walenhlangano uthi kuyabakhathaza ukubona intsha idonsa kanzima uma isiqede isikole ingenelela izinto ezifana nophuzo oludakayo nezidakamizwa, njengezingane ezikhulele khona elokishini kawudingi ukutshelwa ngento kodwa uzibonela wena bese kusala ukuthi uyangena kuyo noma uyayibalekela kodwa kuba nzima ukuyibalekela uma ungazi ukuthi uzoshonangaphi ? okuyisizathu sabo sokusungula ikhaya lokuphephela kulabo abafisa ukwenza izimpilo zabo zibe ngcono.

ULondiwe Mnyandu naye ongumqondisi kulenhlangano uhambe emazwini kaMalinga, wathi kunabathile abadlale indima enkulu ekuphumeleliseni iphupho labo namhlanje banendawo yokwakha amablocks lapho behlele ukusiza abantu abangasebenzi ukuze bazithole bematasa baphinde bakwazi ukubeka isinkwa etafuleni nakuba lendawo nayo isenezinselelo  abafisa ukulekelelwa kuzo, libonge kakhulu ikhansela lakwa M Cllr Mngwengwe, owayeyikhansela kuward 111  Cllr Mathombi Mnyandu, iMakethe iGreen fresh fruit and Veg, usihlalo we-IFP uCllr Mduduzi Nkosi kanye nestudio somculo Edladleni Records ngokubamba iqhaza. “Kusekuningi esizimisele ukukwenza kodwa ngenxa yokweswela usizo kuba nzima ikakhulu kazi kungekho nhlangano namnyango kaHulumeni osixhasile siyafisa ukuthola uxhaso nathi njengezinye izinhlangano ezenza umsebenzi omuhle emphakathini.”Kusho uLondiwe.

Uma kungaba khona ofisa ukufaka isandla noma yingani wamukelekile ikakhulu njengoba bengenayo nendawo yokusebenzela kungaxhunyanwa noNduduzo Sibisi kunombolo ethi: 073 327 1779 noma uLondiwe MNyandu ku 075 077 4308

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *