Kunxuswa abanikazi bama Spaza Shops barejiste ngaphambi kosuku lokuvalwa kwesizicelo

SHEILA MHLONGO

Kunxuswa abanikazi bama Spaza Shops kanye nalawo mabhizinisi adayisa ngokudla, ukuthi baphuthume barejiste ngaphambi kosuku lokuvalwa kokufakwa kwezicelo, njengoba sekusele izinsuku ezingu 13 kuphela kuvalwe. Kudingeka babhalise amabhizinsi abo komasipala ukuqinisekisa ukuthi bahweba ngokusemthethweni.

“Ukurejista kwamabhizinsi kuvulwa kuphela phakathi nezinsuku, kanti kuyavalwa ngezimpelasonto kanye nangamaholidi, labo abanezidingo zonke bangavakashela izikhungo zomasipala abaseduze nabo. Usuku lokugcina lokurejista umhlaka 28 Febhuwari 2025.” Kusho iNational Joint Operations and Intelligence Structure (NAT JOINTS).

Lokhu kuza emuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa wayalela bonke abanikazi bamabhizinsi angama Spaza Shops kanye nalabo abahweba ngokudla ukuthi kumele barejiste amabhizinisi abo ezikhungweni zomasipala abaseduze nabo kungakapheli izinsuku ezingu-21, kodwa kwaphinde kwabonakala isidingo sokuthi kwelulwe isikhathi kuze kube uFebhuwari 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *