SBUH MAMBA
Iqembu lesizwe iBafana Bafana lingene ngehubo esigabeni sesibili sokuhlungela umqhudelwano wase-Africa i-African Nations Championship (CHAN) , iBafana ishaye iGibhithe ngo 3-1 emlenzeni wesibili weFirst Round. Amagoli eBafana ashaywe ukaputeni uNeo Maema , lensizwa edume kakhulu isagijima kuBloemfontein Celtic igadle ngomzuzu ka 15 esiwombeni sokuqala , kuthe ngomzuzu ka -27 yaphinde yalibeka enetheni igoli iBafana elishaywe uYandisa Mfolozi. Igoli lesibili livuse abafana baseGibhithe emaqandeni bathi nakhu sizogugiswa ngompentshisi base beqala behlasela akuphelanga ngisho nemizuzu emihlanu bathola igoli labo lokubika elishaywe u-Abou el Enein zaya ekhefini.
IGibhithe bekubhekwe ukuthi izigwazele ibhece njengoba kuyiyona izingcwele ebholeni lase Africa kanti ayibuzanga elangeni yadibana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili, izinsizwa zaseNingizimu Africa ziqhubeke lazigcine khona esiwombeni sesibili , ziqhubekile zahlasela kubhoke kakhulu uMaema , ezikaFaro bezihluleka kuvimba abagadli beBafana , bagcine sebenza amaphutha ebhokisini yathola iphenathi iNingizimu Afrika wayibeka enethini uSphelele Luthuli , zizamile nkosiyami ezikaFaro ukuhlasela sekuyophela isiwombe sesibili kodwa izitobha zeBafana zathi lutho eluthela yanqoba kanjalo iNingizimu Africa ngo 3-1 ,iBafana neGibhithe badlale ngokulingana ngomhlaka- 2 March okuchaza ukuthi ngokwe Agregate iBafana inqobe ngo 4-2
IBafana izobhekana neMalawi esigabeni sesibili (Second round) sokuhlungela iCHAN , lomqhudelwano udlalwa abadlali abagijima emaqenjini asekhaya abadlali abadlala kwamanye amazwe nakumakilabhu aphesheya abalubhadi kulomqhudelwano. iSecond Round izodlalwa ngoMay kuzoqala iNingizumu Africa neMalawi bese kulandela iGambia neAlgeria kuzoba nomlenze wokuqala nomlenze wesibili ,izwe elizonqoba kulemidlalo lizojoyina I-Uganda, Niger neGuninea ku Group C weCHAN 2025 .

