UMasipala weTheku wethule izimoto zabasebenzi abakhubazekile

ONGEZIWE NTONDINI

USihlalo weKomidi Lokuphatha Nezabasebenzi likaMasipala, uKhansela uNkosenhle Madlala  NgoLwesine lomhlaka 20 Mashi , wethule izimoto kanye nezihlalo ukuze  kuthuthukiswe ukubandakanyeka emsebenzini, ukulingana kanye nokuqeda izithiyo kubasebenzi abakhubazekile. 

Imizamo yoMkhandlu yokuqeda izithiyo zokuhamba kanye nokukhuthaza ukubandakanya  abasebenzi abakhubazekile yamukelwa ngesikhathi uMasipala wase-Thekwini wethule izimoto ezidle isamba sika-R1.3 million for People With Disabilities (PWDs) .


Lezimoto zizokwenza lula umsebenzi wabasebenzi abakhubazekile  ngaphandle kwenkinga kususwe izinkinga ezibavimba  ukuthi benze umsebenzi wabo. Ukwethulwa kwalezimoto kubengesikhathi izwe ligubha uSuku Lwamalungelo Abantu, kuqinisa ukuzibophezela koMkhandlu ekuqinisekiseni ukuthi wonke amalungelo abantu ayagcinwa futhi avikelwe kufaka phakathi ama-PWDs.

Kuphinde kwethulwa izihlalo ezisetshenziswa ngezikhathi eziphuthumayo ukukhipha  abasebenzi abakhubazekile nabesifazane abakhulelwe ezizosetshenziswa uma kudingeka  noma ezimweni lapho amalifti engasebenzi. Zombili izimoto  nezihlalo zezimo eziphuthumayo  zifakwe izinsiza  ezikhethekile zokwamukela izimo ezahlukahlukene zokukhubazeka futhi ziqinisekise ukufinyeleleka ezindaweni eziningana, kufaka phakathi izakhiwo zikaMasipala.


USihlalo wekomiti le Governance, and Human Capital  ukhansela uNkosenhle Madlala wengeze ngokuthi lokhu kuwubufakazi bokuthi uMasipala uzibophezele ekwenzeni ngcono isimo sokusebenza esihlanganisa bonke abasebenzi.


Ikhansela uMadlala uthe yize abantu abakhubazekile bengakahlanganiswa ngokuphelele emisebenzini ejwayelekile, uMasipala uyaziqhenya ngenqubekela phambili ayenzayo kulokhu.

Yize sijabule ngalokhu kuphumelela, kuningi okumele kwenziwe kuchaza uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi. Njengamanje, isibalo sabasebenzi abakhubazekile kuMasipala sibalelwa ku-276.

Lo umsebenzi oqhubekayo njengoba uMasipala uzame ukufeza umgomo wokuqasha abantu abangu-3% abakhubazekile ngokwemfuneko yoMnyango Wezabasebenzi. USimon Zwane, oyisisebenzi esikhubazekile uthe lokhu kuyintuthuko entsha nempumelelo ikakhulukazi kubasebenzi abanezidingo ezikhethekile. “Lesi isinyathelo sokuqala esikhombisa inqubekela phambili kuMasipala.”esho.

Uthe njengesisebenzi esinezidingo ezikhethekile, lomkhankaso uzokwenza umehluko omkhulu ekukhuthazeni ukulingana emsebenzini ngaphandle kwemingcele. Lokhu kujabulisa kakhulu ngoba kuzovumela abasebenzi abakhubazekile ukuthi bakwazi ukufinyelela ezindaweni ezahlukene mayelana nokuhamba futhi kube nomthelela ekukhiqizeni ubumbano koMasipala,” kusho uZwane 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *