ISASSA Gold Card izoqhubeka nokusebenza ngale kuka-31 Meyi

SHEILA MHLONGO

Postbank isikuqinisekisile ukuthi amakhadi ayigolide akwaSASSA azoqhubeka nokusebenza kuze kube kwedlula umhlaka-31 Meyi 2025

Ngokwesitatimende esikhishwe abe Postbank ngoLwesine lomhlaka-24 Ephreli 2025 sithi bonke abemukela izibonelelo zikahulumeni besebenzisa amakhadi egolide(Gold Cards)  bazoqhubeka bathole izibonelelo zabo kuze kuba kukhishwa isimemezelo, lokhu okuyizindaba ezinhle kulabo abasazoshintshela kumakhadi amnyama(Black Cards) akwaPostbank

Ngokusho kwesitatimende se Postbank sithi, wonke ama khadi akwaSASSA azoqhubeka nokusebenza kuwowonke ama sistimu okuhlanganisa , ATM kanye nemishini yePOS, kuhlanganisa nezitolo ezisebenzisana nePostbank bakwazi nokuswayipha bathenge impahla.Ukusebenza kwamakhadi angeke kushintshe.

“Siyaqhubeka nokuzibophezela kwethu ukuthi uPostbank uzoqinisekisa ukuthi akekho umuntu oyosala ngaphandle engasitholi isibonelelo sakhe futhi angeke kube khona ukuphazamiseka kokukhokhelwa kwezibonelelo, futhi ikhadi eliyigolide loqhubeka nokusebenza kuze kube wonke umuntu eseshintshele kwelimnyama.

“Ngakho siyethemba ukuthi lesimemezelo siyimpendulo kuboboke abangakashintsheli kumakhadi amnyama, bekhathazekile mayelana nenkokhelo yezibonelelo zabo.”Kusho uMphathi Jikelele we Postbank uNikkie Mbengashe.

“ Siyabaxwayisa ukuthi kumele baqaphele bangalaleli ulwazi oludukisayo oluthi amakhadi abo egolide angeke esasebenza. Isikhungo sePostbank  esisabalalisa amaKhadi sizoqhubeka sivuliwe ukuze sikwazi ukunikeza usizo kwabathola izibonelelo. I-Postbank ifisa ukudlulisa ukubonga kwayo ngokusebenzisana okuhle phakathi kwayo nabathola izibonelelo.  – SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *