Ukukhuphuka  kweLevi ka-petrol  kuzodala umthwalo kubathengi, kusho i-RFA

SHEILA MHLONGO

I-Road Freight Association (RFA) iphawule mayelana nesinqumo   esenziwe nguNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enock Godongwane, sokwenyusa intela kaphethiloli ngo-4% (okungamasenti angu-16 ku-petrol kanye namasenti ayi-15 ku-diesel ilitha ngalinye) sizoba nomthelela ongemuhle oqondene ngqo nabathengi.

Lokhu kuzothinta abathengi ngqo, njengoba abezithuthi bengenakuthwala izindleko ezengeziwe ngaphandle kokulimaza inzuzo yabo kanye nokuqhubeka kwebhizinisi. Lokhu kusho ukuthi uMnyango Wezezimali “uthole” imali ezongena engu R4 billion ukuze kugcwaliswe isikweletu esingu-R75 billion esashiywa isabelomali sangaphambilini – lokhu kukhombisa ukuthi uMnyango Wezezimali ukhetha ukwenyusa izintela kubantu kunokunciphisa ukuchitha imali okungadingekile okudale lesi simo.

Ezokuthutha zizobiza kakhulu, abathengi bazokhokha imali eningi, futhi isisho esidala sokuthi uhulumeni angathatha intela engapheli ukuze axhase izindleko zakhe ezingalawuleki sihlala siyiqiniso.

Uhulumeni akanayo imali – imali ingeyabakhokhi bentela, futhi sekufikile isikhathi sokuthi kube nobekwa icala ngalokhu. Iqiniso elibuhlungu ukuthi, kusukela ngoJuni, izindleko zezokuhambisa impahla ngezimoto  – okungamaphesenti angu-85– zizokhuphuka.

Abathengi bazokhokha kakhulu, ukuhamba eNingizimu Afrika kuzobiza kakhulu, izinhlelo zokuthutha  zizobuyekeza izindlela zazo, kanti wena nami sizodinga ukukhipha  kakhulu emaphaketheni ethu ukuthola izimpahla, izinsiza kanye nokuya emsebenzini, kuyilapho uhulumeni “ethole” indlela yokuxhasa ukukhuphuka kwezindleko zomholo , kanye nazo zonke izinhlelo zokuzikhangisa aqhubeka nazo njalo.

Lesi akusona isinqumo esihle, hhayi esikhathini esimaphakathi noma eside.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *